UJobe 11:2 - IsiZulu 2020 “Ngabe awayukuphendulwa yini amazwi amaningi kangaka na? Iphoshophosho lingaxolelwa yini na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Awayikuphendulwa amazwi amaningi kangaka na? Umuntu oliphoshophosho angathethelelwa na? Contemporary Zulu Bible 2024 Ubuningi bamazwi abunakuphendulwa na? Umuntu okhulumayo angalungisiswa na? |
“Ohlakaniphileyo uyakuphendula yini ngolwazi olungathi shu, agcwalise isisu ngomoya wasempumalanga na?
Umuntu ohlebayo makangavunyelwa asimame emhlabeni, ububi mabusilandele isidlova, sibhujiswe.
Lapho kunokukhuluma okuningi akupheli ukona; othiba ulimi lwakhe uhlakaniphile.
Qaphela izinyathelo zakho nxa uya endlini kaNkulunkulu, kungcono ukusondela ulalele, kunokunikela umhlatshelo weziwula, ngokuba azikwazi ukubalekela ukwenza ububi.
Ngokuba iphupho livela nemisebenzi eminingi; nezwi lesiwula linamagama amaningi.
Kepha abathile kubo, osonjulalwazi bama-Ephikhuru nabamaStoyikhu, baphikisana naye, abanye bathi: “Leli phoshophosho lithini na?” Abanye bathi: “Sengathi lishumayela ngonkulunkulu abangaziwa,” ngenxa yokuba wayeshumayela ivangeli ngoJesu nangokuvuka kwabafileyo.
Yazini lokhu, bazalwane bami abathandekayo, ukuthi: makube yilowo nalowo muntu asheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze nokuthukuthela.