UJobe 11:18 - IsiZulu 2020 Uyoba ngophephile, ngokuba likhona ithemba, uyovikeleka kahle, ulale phansi uphephile. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakuba nokwethemba, ngokuba ithemba likhona; uyakuphendla, ulale ngokulondeka. Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi uyosinda, ngoba kukhona ithemba; yebo, kufanele umbe eduze kwakho, futhi uzophumula ngokuphepha. |
Ayini amandla ami ukuba ngingawethemba na? Siyini isiphetho sami ukuba ngingasibekezelela na?
Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni, nephuze ukuphumula, nidle isinkwa sezinhlupheko, ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.
Ngabeka uhlangothi phansi, ngazunywa ngubuthongo; ngavuka, ngokuba uSimakade ungisekele.
Ngiyakulala phansi ngokuthula, ngilalise okwengane, ngoba nguWena wedwa, Simakade, ongenza ngihlale ngiphephile.
Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kwami na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa uMsindisi wami, noNkulunkulu wami.
Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe.
okuyibona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yale mfihlakalo phakathi kwabezizwe. Le mfihlakalo inguKhristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo.