Uyini umuntu ukuba angaba ngohlanzekileyo, nozelwe ngowesifazane ukuba abe ngolungileyo na?
UJobe 11:12 - IsiZulu 2020 Uma umuntu ongahlakaniphile engaba ngohlakaniphileyo, nethole lembongolo yasendle lingazalwa lingumuntu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umuntu oyize uyakuba nengqondo, nxa ithole lembongolo yasendle lizalwa libe ngumuntu. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba umuntu oyize uyakuba ngohlakaniphileyo, nakuba umuntu ezalwa njengethole lembongolo yasendle. |
Uyini umuntu ukuba angaba ngohlanzekileyo, nozelwe ngowesifazane ukuba abe ngolungileyo na?
Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi kungukuhlakanipha; ukusuka enkohlakalweni kungukuqonda.’ ”
Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo, achithe ngokushesha iseluleko soyisigwegwe.
Imbongolo yasendle iyakhala yini inotshani na? Inkabi iyakhala yini inotshani na?
Umuntu uyamjezisa ngenxa yesono sakhe, lokho okuligugu kuye, ukudla njengobuvunya, kuphele nya, wonke umuntu ungumoya nje. Sela
Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla, imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe, impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela
Susa ukungeneliseki engqondweni yakho, uxoshe ubuhlungu emzimbeni wakho, ngokuba ubusha nokuqala kokuphila kuyize.
Ngathi enhliziyweni yami: “Maqondana nabantu, uNkulunkulu uyabavivinya ukuze bazibonele ukuthi banjengezilwane.
nembongolo yasendle ejwayele ihlane, esezela umoya ngokukhanuka kwayo; ngubani ongavimbela inkanuko yayo na? Bonke abayifunayo abayukukhathala, bayakuyifumana ngenyanga yayo.
Nibe mqondo munye, nicabangelane ngokufanayo; ningazikhukhumezi, kodwa zihlanganiseni nabathobekileyo. Ningazishayi abahlakaniphileyo.
esasikade sihamba sonke phakathi kwabo ezinkanukweni zenyama yethu eyonakeleyo, senza intando yenyama eyonakeleyo neyemicabango; sasingabantwana bolaka ngokwemvelo njengabo bonke abanye.
Siwula ndini, uyathanda yini ukwazi ukuthi ukukholwa okungenayo imisebenzi kuyize na?