Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJobe 11:12 - IsiZulu 2020

Uma umuntu ongahlakaniphile engaba ngohlakaniphileyo, nethole lembongolo yasendle lingazalwa lingumuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Umuntu oyize uyakuba nengqondo, nxa ithole lembongolo yasendle lizalwa libe ngumuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngokuba umuntu oyize uyakuba ngohlakaniphileyo, nakuba umuntu ezalwa njengethole lembongolo yasendle.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJobe 11:12
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uyini umuntu ukuba angaba ngohlanzekileyo, nozelwe ngowesifazane ukuba abe ngolungileyo na?


Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi kungukuhlakanipha; ukusuka enkohlakalweni kungukuqonda.’ ”


Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo, achithe ngokushesha iseluleko soyisigwegwe.


Imbongolo yasendle iyakhala yini inotshani na? Inkabi iyakhala yini inotshani na?


Umuntu ufana nomoya; izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo.


Umuntu uyamjezisa ngenxa yesono sakhe, lokho okuligugu kuye, ukudla njengobuvunya, kuphele nya, wonke umuntu ungumoya nje. Sela


Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla, imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe, impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela


Impela ngazalelwa ebubini, umame wangikhulelwa esonweni.


ngaba yisiphukuphuku, angaze ngazi lutho, ngaba yisilwane kuwe.


Umuntu oyisiwula akanalwazi, nesiphukuphuku asikuqondi lokhu.


“Ize leze,” kusho uMshumayeli, “ize leze, konke kuyize!”


Susa ukungeneliseki engqondweni yakho, uxoshe ubuhlungu emzimbeni wakho, ngokuba ubusha nokuqala kokuphila kuyize.


Ngathi enhliziyweni yami: “Maqondana nabantu, uNkulunkulu uyabavivinya ukuze bazibonele ukuthi banjengezilwane.


nembongolo yasendle ejwayele ihlane, esezela umoya ngokukhanuka kwayo; ngubani ongavimbela inkanuko yayo na? Bonke abayifunayo abayukukhathala, bayakuyifumana ngenyanga yayo.


Bezitshela ukuthi bahlakaniphile, baba yiziwula,


Nibe mqondo munye, nicabangelane ngokufanayo; ningazikhukhumezi, kodwa zihlanganiseni nabathobekileyo. Ningazishayi abahlakaniphileyo.


esasikade sihamba sonke phakathi kwabo ezinkanukweni zenyama yethu eyonakeleyo, senza intando yenyama eyonakeleyo neyemicabango; sasingabantwana bolaka ngokwemvelo njengabo bonke abanye.


Siwula ndini, uyathanda yini ukwazi ukuthi ukukholwa okungenayo imisebenzi kuyize na?