UJobe 11:10 - IsiZulu 2020 Uma edlula, avalele, abizele ekwehluleleni, ngubani ongamvimba na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma edlula, avalele, abizele ekwahluleleni, ngubani ongamkhalima na? Contemporary Zulu Bible 2024 Uma enquma, abophe, abophe, abuthe, ngubani ongamvimba na? |
Yena uma ebhidliza, akekho ongakha kabusha, uma evalela umuntu, akekho ongamvulela.
Uma Yena ethula, ngubani ongamsola na? Uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa isizwe nomuntu ngokufanayo,
Ngokuba uyalimaza, abuye abophe, uyashaya, kodwa izandla zakhe zibuye ziphilise.
Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla amakhulu, ngubani owake wamelana naye, waphumelela na?
Ngokuba uSimakade Wamabandla unqumile; ngubani oyakuguqula lokho na? Isandla sakhe sizogadla; ngubani oyakusinqanda na?
Mina ngingowokuqala okumemezele eZiyoni, nganika iJerusalema isithunywa sezindaba ezinhle.
bonke abakhileyo emhlabeni bashaywa into engelutho; wenza ngokuthanda kwakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akekho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”
Oyedwa angayixosha kanjani inkulungwane, ababili bahubhe izinkulungwane ezilishumi, uma idwala labo belingathengisanga ngabo, uSimakade ebengabanikelanga, na?
“Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu, novala kungavuli muntu, uthi: