UJobe 10:5 - IsiZulu 2020 Imihla yakho injengemihla yomuntu na? Neminyaka yakho injengezinsuku zabantu na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Imihla yakho injengemihla yomuntu na? Neminyaka yakho injengezinsuku zabantu na? Contemporary Zulu Bible 2024 Izinsuku zakho zinjengezinsuku zomuntu na? iminyaka yakho injengezinsuku zomuntu, |
Bheka, uNkulunkulu uphakeme, asimqondi, ubungako beminyaka yakhe abunakuphenywa.
Wena Simakade uyohlala kuze kube phakade, nesikhumbuzo sakho, izizukulwane ngezizukulwane.
Abantwana bezinceku zakho bayakuhlala, izizukulwane zabo ziyovikeleka phambi kwakho.”
Njengesembatho uyakuwasonga, ayakuguquka njengengubo, kodwa Wena unguye njalo iminyaka yakho ayiyukuphela.”
Bathandekayo, nize ningakhohlwa yilokhu okukodwa qwaba, ukuthi usuku lunye eNkosini lunjengeminyaka eyinkulungwane, nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye.