UJobe 10:4 - IsiZulu 2020 Unawo yini amehlo enyama na? Uyabona yini njengabantu na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amehlo enyama unawo na? Uyabona njengabantu na? Contemporary Zulu Bible 2024 Unamehlo enyama na? noma ubona njengokubona komuntu na? |
Ngokuba akasiye umuntu njengami ukuba bengingaqagulisana naye, nokuba ngibhekane naye esigcawini.
Wayesethi kubo: “Nina nizenza abalungileyo phambi kwabantu, kodwa uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okutuseka kakhulu kubantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.
Ikhanda lakhe nezinwele zakhe kwakumhlophe njengoboya bezimvu, nanjengeqhwa, amehlo akhe enjengamalangabi omlilo.
Kepha uSimakade wathi kuSamuweli: “Ungabheki isigubo sakhe nobude bakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uSimakade engabuki njengomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kodwa uSimakade ubheka okusenhliziyweni.”