“ ‘Wangivumelelani ukuba ngizalwe, ngiphume esibelethweni na? Ngangingafi ngani ngingakabonwa nangelilodwa iso na?
UJobe 10:19 - IsiZulu 2020 Kwakuyoba sengathi angikaze ngibe khona, ngiphume esibelethweni, ngiyiswe ethuneni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngibe njengokungathi ngingekho, ngiyiswe ethuneni ngisaphuma esiswini. Contemporary Zulu Bible 2024 ngabe nginjengokungathi kangisiye; Kumelwe ukuba ngathwalwa ngisuka esibelethweni sikanina ngayiswa ethuneni. |
“ ‘Wangivumelelani ukuba ngizalwe, ngiphume esibelethweni na? Ngangingafi ngani ngingakabonwa nangelilodwa iso na?
Izinsuku zokuphila kwami aziyingcosana yini na? Ake ungiyeke, kengithole ukuthokoza kancane nje,
“Kungani ngingafelanga esiswini na? Angibhubhanga ngani lapho ngiphuma esizalweni na?
noma kungani ngingagcwatshwanga njengokuphuphumileyo nanjengombungu ongalibonanga ilanga?
Mababe njengomnenke oncibilika uphele, njengokuphuphume kowesifazane, okungalibonanga ilanga.
ngokuba akangibulalanga ngisesiswini, umame abe yithuna lami, nesisu sakhe sahlala singikhulelwe njalo.