UJobe 10:17 - IsiZulu 2020 Ubuyakuletha kimi ofakazi abasha, wandise intukuthelo yakho kimi, amaviyo ngamaviyo angithelekele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ubuyakuletha kimi ofakazi abasha, wandise intukuthelo yakho kimi, amabandla ngamabandla angisukele. Contemporary Zulu Bible 2024 Uvuselela ofakazi bakho ngokumelene nami, wandise ukufutheka kwakho kimi; izinguquko nempi zimelene nami. |
Ungibambile, lokhu kungubufakazi, ukuzaca kwami kumile kungubufakazi phambi kwami.
“Umshikashika akusiwo yini owabantu emhlabeni, nemihla yabo ayinjengayo yini eyomqashwa na?
UNkulunkulu esesihlalweni kwasemandulo uzongizwa, abathobise, ngokuba abaphenduki, futhi abamesabi uNkulunkulu.
“UMowabi ubephumule kwasebusheni bakhe, ephumule njengenzika yewayini; akathululwanga esitsheni, ethululelwa kwesinye; akayanga ekuthunjweni, ngakho-ke usanambitheka njengoba enjalo, nephunga lakhe aliguquki.
Kuyakuthi ngaleso sikhathi ngicinge eJerusalema ngezibani, ngijezise abantu abanethezeke njengewayini liyekwe nenzika, abathi ezinhliziyweni zabo: “ ‘USimakade akakwenzi okuhle, ngeke akwenze nokubi.’
Ngahamba nginakho konke, kodwa uSimakade ungibuyise ngize. Pho ningibizelani ngoNawomi, lokhu uSimakade ufakazile wamelana nami, uSomandla wangenzela okubi, na?”