UJobe 10:14 - IsiZulu 2020 uma ngona, uyangiqaphela, awuyukungithethelela isono sami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma ngona, uyangiqaphela; awuyikuthethelela ukona kwami. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho ngona, uyangibheka, awuyikungikhulula ebubini bami. |
Abukho ubumnyama, nesigayegaye asikho, lapho abenza inkohlakalo bengacasha khona.
Uma ngona, ngenzani kuwe mlindi wabantu na? Ungimiseleni ngibe yinkololo yakho, ngize ngibe ngumthwalo nakimi na?
Awusithetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini, uyakungifuna, kepha angiyukuba bikho.”
nokho ngiyabesaba bonke ubuhlungu bami, ngiyazi awuyukungithatha njengongenacala.
Amacala ethu uwabeke phambi kwakho, izono zethu ezifihliweyo zisekukhanyeni kobuso bakho.
ogcina umusa kubo abayizinkulungwane, athethelele ububi neziphambeko nezono, nokho ongayukumyeka engamjezisanga onecala, ohambela ububi babazali kubantwana, nakubantwana babantwana, kuze kube yisizukulwane sesithathu nesesine.”
Ngokuba amehlo ami ayazibona zonke izindlela zabo; azisithekile ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami.
‘USimakade uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa, uthethelela ububi neziphambeko, nokho akayeki angamjezisi onecala, uhambela ububi bawoyise kubantwana, kuze kube sesizukulwaneni sesithathu nesesine.’