ningenzele uzwelo nangiphatha ngomusa nangiphephisa. Kodwa angikwazi ukubalekela ezintabeni, funa ngehlelwe yinhlekelele, ngibhubhe.
UJobe 10:12 - IsiZulu 2020 Ungiphe impilo, wangenzela umusa, ukunginakekela kwakho kuwulondile umoya wami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ungenzele ukuphila nomusa; ukungihambela kwakho kulondile umoya wami. Contemporary Zulu Bible 2024 Unginikile ukuphila nomusa, ukuhanjelwa kwakho kulonde umoya wami. |
ningenzele uzwelo nangiphatha ngomusa nangiphephisa. Kodwa angikwazi ukubalekela ezintabeni, funa ngehlelwe yinhlekelele, ngibhubhe.
Awungembathisanga yini isikhumba nenyama, wangiphica ngamathambo nangemisipha na?
“Ngalokho-ke ngithi kini: ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla, nomzimba kunesembatho na?
futhi akakhonzwa ngezandla zabantu, kube sengathi udinga utho oluthile. NguYena obapha ukuphila nokuphefumula nakho konke.
‘Ngokuba siphila, sihamba, sikhona kuye,’ njengalokhu izimbongi ezithile zakini zishilo zathi: “ ‘Ngokuba futhi sibozalo lwakhe.’