Yayinezimvu eziyizi-7 000 namakameli ayizi-3 000, nezinkabi ezingamabhangqa angama-500 nezimbongolo zezinsikazi ezingama-500 nezisebenzi eziningi kakhulu. Leyo ndoda yayiyisikhulu esiphezulu kunabo bonke abantu basempumalanga.
UJobe 1:4 - IsiZulu 2020 Amadodana ayo ayevame ukuhamba enze idili endlini yaleyo naleyo ndodana, ngosuku lwayo. Ayethumela, ameme odadewabo abathathu ukuze badle, baphuze ndawonye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amadodana akhe ayehamba enza idili endlini yaleyo naleyo ngosuku lwayo; ayesethuma ebiza odadewabo abathathu ukuba badle, baphuze nawo. Contemporary Zulu Bible 2024 Amadodana akhe ayehamba enza idili endlini yawo, kwaba yilowo nalowo ngosuku lwayo; wathuma wabiza odadewabo abathathu ukuba badle, baphuze nabo. |
Yayinezimvu eziyizi-7 000 namakameli ayizi-3 000, nezinkabi ezingamabhangqa angama-500 nezimbongolo zezinsikazi ezingama-500 nezisebenzi eziningi kakhulu. Leyo ndoda yayiyisikhulu esiphezulu kunabo bonke abantu basempumalanga.
Kwakuthi lapho sezedlule izinsuku zedili, uJobe athumele awangcwelise. Wayevuka ekuseni, anikele ngeminikelo yokushiswa ngokwenani lawo, ethi: “Hleze izingane zami zonile, zamqalekisa uNkulunkulu ezinhliziyweni zazo.” Wenza kanjalo uJobe zonke izinsuku.