Isiphrofetho ngoMowabi. Impela ngabusuku bunye i-Ari Mowabi linqotshiwe, labhujiswa. Impela ngabusuku bunye iKhiri Mowabi linqotshiwe, lachithwa.
UJeremiya 48:2 - IsiZulu 2020 Udumo lukaMowabi luphelile; iHeshibhoni bacebe okubi ngalo, bathi: wozani sisiqede nya lesi sizwe. Nawe Madimeni uyakuthuliswa; inkemba iyakukuxosha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Udumo lukaMowabi alusekho; eHeshiboni bacebe okubi ngaye ngokuthi: Wozani simnqume, angabe esaba yisizwe. Nawe Madimeni uyakuthuliswa, inkemba ikulandele. Contemporary Zulu Bible 2024 Akusayikuba khona ukudunyiswa kwaMowabi; eHeshiboni bacebe okubi ngaye; wozani silinqume esizweni. Futhi uyakunqunywa, Madmen; inkemba iyakukusukela. |
Isiphrofetho ngoMowabi. Impela ngabusuku bunye i-Ari Mowabi linqotshiwe, labhujiswa. Impela ngabusuku bunye iKhiri Mowabi linqotshiwe, lachithwa.
Inhliziyo yami ikhalela abakwaMowabi; ababalekileyo bakhona babalekela eZowari nase-Egila shelishiya; bakhuphukela eLuhithe bekhala, nasendleleni eya eHoronayimi bayadazuluka.
Manje uthi: “Eminyakeni emithathu, njengeminyaka yomqashwa, udumo lukaMowabi luzobukelwa phansi, ngisho noma enesixuku esikhulu; insali iyokuba yingcosana, futhi ingabi namandla.”
Ngokuba isandla sikaSimakade siyophumula phezu kwale ntaba. AbakwaMowabi bayodovadovwa endaweni yakubo, njengenqwaba yotshani bunyathelwa endundumeni yobulongwe.
Ngokuba washo kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli kimi, wathi: “Thatha le ndebe yewayini lentukuthelo esandleni sami, uphuzise kuyo zonke izizwe engikuthuma kuzo.
Ngase ngiyithatha indebe esandleni sikaSimakade, ngaziphuzisa zonke izizwe uSimakade angithume kuzo:
“Uma lokhu okumisiwe kungasuka ebusweni bami, yilapho-ke abozalo luka-Israyeli beyakuphela, bangabe besaba yisizwe phambi kwami zonke izinsuku,” kusho uSimakade.
“Awuzwanga yini laba bantu bekhuluma, bethi: ‘Imindeni yomibili uSimakade ayikhethayo uyilahlile na?’ Base bebadelela abantu bami, kwaze kwangathi abasesizwe phambi kwabo.
Ungesabi wena nceku yami, Jakobe,” kusho uSimakade, “ngokuba nginawe; ngiyakuqeda ngokuphelele zonke izizwe engikuxoshele kuzo, kodwa wena angiyukukuqeda. Ngiyakukuyala ngobulungiswa, angiyukukuyeka ngingakujezisi.”
Nina nonke enimzungezile, mkhaleleni; nani nonke enazi igama lakhe, yishoni nithi: ‘Yeka ukwaphuka kwenduku enamandla, udondolo oluhle!’
“Ababalekileyo bayokuma emthunzini waseHeshibhoni, bekhathele, ngokuba umlilo uyakuqubuka eHeshibhoni, nelangabi eSihoni, ungqongqise ibunzi likaMowabi, nokhakhayi lwabantu abanomsindo.
“Khihla isililo, Heshibhoni, ngokuba i-Ayi ibhujisiwe, khalani, madodakazi aseRabha, nibhince indwangu eyisaka; nilile, nigijime phakathi kwezingange, ngokuba inkosi yalo izothunjwa, nabaphristi balo nezikhulu zalo, kanyekanye.
Ngiyakuyivithiza i-Elamu phambi kwezitha zalo, naphambi kwalabo abafuna ukuphila kwabo; ngibehlisele inhlekelele, nentukuthelo yami evuthayo,” kusho uSimakade. “Ngiyothumela emva kwabo inkemba, ngize ngibaqothule baphele nya.