Uyakunisa imvula yamalahle avuthayo nesibabule phezu kwababi, nomoya weshisandlu ube yisabelo sabo.
UJeremiya 4:12 - IsiZulu 2020 Umoya omkhulu kunalokho uyakuphuma kimi. Manje ngiyakukhuluma, ngibagwebe.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umoya omkhulu kunokuba kwenziwe lokhu uyakuphuma kimi. Manje sengiyakukhuluma nami ukwahlulela kubo.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngisho nomoya onamandla ovela kulezo zindawo uyofika phezu kwami; ngisho namanje ngiyakubahlulela. |
Uyakunisa imvula yamalahle avuthayo nesibabule phezu kwababi, nomoya weshisandlu ube yisabelo sabo.
Ngiyakubagweba ngenxa yabo bonke ububi babo, ngokuba bangihlubukile, bashisela abanye onkulunkulu impepho, bakhuleka kuyo imisebenzi yezandla zabo.
Ngaleso sikhathi kuyakuthiwa kulaba bantu, nakulo iJerusalema: “Ishisandlu elivela ezindaweni eziphakeme ezingamaqwaqwasi liya endodakazini yabantu bami, aliyukubahlakaza, aliyukubahlambulula.
Bhekani, uyakhuphuka njengamafu, izinqola zakhe zinjengesivunguvungu, amahhashi akhe anejubane kunezinkozi. Maye, kithi, ngokuba sichithiwe!
Usho kanje uSimakade, uthi: “IBhabhele nabakhileyo eLebhi Khamayi, ngiyakubavusela umoya wombhubhisi.
ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka Mina, yebo, Mina ngimelene nawe, ngizokwehlulela wena, izizwe zizibonela ngamehlo azo.
“Noma angaba yindodana enempumelelo kubafowabo, kuyakufika umoya wasempumalanga, umoya kaSimakade ovela ehlane; umthombo wakhe uyakuba namahloni, isiphethu sakhe sishe; uyakuphanga ingcebo yakhe, nazo zonke izinto eziyigugu.
Sidlula njengesiphepho, sidlulele phambili, kodwa sona sinecala, amandla aso angunkulunkulu waso.