Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJeremiya 26:12 - IsiZulu 2020

UJeremiya wayesekhuluma kuzo zonke izikhulu, nakubo bonke abantu, wathi: “USimakade wangithuma ukuba ngiphrofethe ngale ndlu nangalo muzi, wonke amazwi eniwezwileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Wayesesho uJeremiya kuzo zonke izikhulu nakubo bonke abantu, ethi: “UJehova wangithuma ukuprofetha ngale ndlu nangalo muzi onke amazwi eniwezwileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UJeremiya wayesekhuluma kuzo zonke izikhulu nakubo bonke abantu, wathi: “UJehova ungithumile ukuba ngiprofethe ngale ndlu nangalumuzi onke amazwi eniwazwileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJeremiya 26:12
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kuphela yazini nokwazi ukuthi uma ningibulala, niyakwehlisela igazi elingenacala phezu kwenu, phezu kwalo muzi, naphezu kwabakhileyo kuwo, ngokuba ngokweqiniso nguSimakade ongithume kini ukuba ngisho wonke lawa mazwi ezindlebeni zenu.”


“Usho kanje uSimakade, uthi: yima egcekeni lendlu kaSimakade, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda eza izokhuleka endlini kaSimakade, wonke amazwi engikuyale ukuba uwakhulume kubo, ungagodli nalinye izwi.


Kuyakuthi lapho bethi kuwe: ‘Ububulelani na?’ uthi kubo: ‘Kungenxa yombiko, ngokuba ngesikhathi oyakufika ngaso, zonke izinhliziyo ziyakudikibala, izandla zidangale, yonke imiphefumulo ibe buthakathaka, kugcwale amanzi emadolweni.’ Lokhu kuyeza, futhi kuyakwenzeka,” kusho iNkosi uSimakade.


Ingonyama ibhongile, pho ngubani ongayukwesaba na? INkosi uSimakade ikhulumile, pho ngubani ongayukuphrofetha na?


Kepha uPhethro noJohane babaphendula, bathi kubo: “Nqumani nina ukuba kulungile yini ebusweni bukaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu,


Kodwa uPhethro nabaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.