Ngaleso sikhathi izinceku zikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, zakhuphukela eJerusalema, zawuvimbezela umuzi.
UJeremiya 24:1 - IsiZulu 2020 USimakade wangikhombisa; bheka, amaqoma amabili ayenamakhiwane ebekwe phambi kwethempeli likaSimakade, emveni kokuba uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ayesethumbe oJekhoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda, nezingcweti nabacangcathi bensimbi, ebathumbe eJerusalema, wabayisa eBhabhele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wangibonisa amaqoma amabili amakhiwane ebekwe phambi kwethempeli likaJehova, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, esethumbile uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda, nezinyanga zomsebenzi, nabakhandi, wabasusa eJerusalema, wabayisa eBabele. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wangibonisa; bheka, amaqoma amabili amakhiwane emi phambi kwethempeli likaJehova emva kukaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, noJekoniya, indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda kanyekanye. Ababazi bathunjwa. Nabakhandi bensimbi bevela eJerusalema, babayisa eBabele. |
Ngaleso sikhathi izinceku zikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, zakhuphukela eJerusalema, zawuvimbezela umuzi.
Kwathi ekuqaleni konyaka inkosi uNebukhadinezari yathumela ukuba kulethwe inkosi eBhabhele, nezitsha ezinhle zendlu kaSimakade. Yabe isibeka uZedekiya, umfowabo, ukuba abe yinkosi kwaJuda naseJerusalema.
Imizi eNegevu ivaliwe, akekho oyivulayo. UJuda wonkana uthunjiwe, uthunjwe ngokupheleleyo.
angazithathanga uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ngesikhathi ethumba uJekhoniya, indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, eJerusalema, emyisa eBhabhele, nezikhulu zonke zakwaJuda naseJerusalema,
Ngiyakubuyisela futhi kule ndawo uJekhoniya, indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nabo bonke abathunjwa bakwaJuda abaya eBhabhele, ngokuba ngizolephula ijoka lenkosi yaseBhabhele,’ ” kusho uSimakade.
Nanka amazwi encwadi uJeremiya, umphrofethi, ayithumela eseJerusalema ensalini yamalunga, abaphristi, abaphrofethi nakubo bonke abantu uNebukhadinezari ayebathumbile eJerusalema, wabayisa eBhabhele.
Lokhu kwenzeka emveni kokuba inkosi uJekhoniya, indlovukazi emzalayo, izikhulu zasesigodlweni, izikhulu zakwaJuda nezaseJerusalema, izingcweti nabakhandi, sebesukile eJerusalema,
UZedekiya, indodana kaJosiya, wabusa eyinkosi esikhundleni sikaKhoniya, indodana kaJehoyakimi, owayebekwe nguNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ukuba abe yinkosi kwaJuda.
lwanquma igatsha elisha eliphezulu, lwaluyisa ezweni labahwebi, lwalubeka emzini wabathengi.
Zalifaka ngezingwegwe endlwaneni evaliweyo, zaliyisa enkosini yaseBhabhele, zalifaka ezinqabeni ukuze ukubhonga kwalo kuphinde kuzwakale ezintabeni zakwa-Israyeli.
Ngokuba iNkosi uSimakade ayenzi lutho ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaphrofethi.
INkosi uSimakade yangibonisa kanje umbono: Bheka, yayenza isikhonyane ekuqaleni kokuhluma kotshani bakamuva. Uyabona-ke, kwakungutshani bakamuva osebusikiwe bungobenkosi.
INkosi uSimakade yangibonisa kanje: Bheka, iNkosi uSimakade yaphaka impi ngomlilo; wangqongqisa ekujuleni okukhulu, washisa nengxenye.
Yangibonisa kanje: Bheka, uSimakade wayemi ngasodongeni olwakhiwe lwalinganiswa ngentambo yomthofu, ephethe esandleni sakhe intambo yomthofu yokulinganisa.
Wayesengikhombisa uJoshuwa umphristi omkhulu emi phambi kwengelosi kaSimakade, noSathane wayemi ngakwesokunene sakhe emmangalela.