Wasithatha isembatho sika-Eliya, esasiwe kuye, washaya ngaso amanzi, wathi: “Uphi uSimakade, uNkulunkulu ka-Eliya na?” Esewashayile amanzi, ahlukana ngapha nangapha, u-Elisha wawela.
UJeremiya 2:6 - IsiZulu 2020 Abashongo ukuthi: ‘Uphi uSimakade owasikhuphula eGibhithe, wasihola ezweni eliyihlane nogwadule; izwe lemigodi, nesomiso, ezweni lethunzi lokufa, elingadatshulwa muntu, nalapho kungahlali muntu khona na?’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abashongo ukuthi: ‘Uphi uJehova owasikhuphula ezweni laseGibithe, wasihola ehlane ezweni lezingwadule nelemigodi, ezweni elomileyo nelethunzi lokufa, ezweni elingadatshulwa muntu, nalapho kungahlali muntu khona, na?’ Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi abashongo ukuthi: ‘Uphi uJehova owasikhuphula ezweni laseGibithe, wasihola ehlane, ezweni eliyihlane nelemigodi, ezweni elomileyo nelethunzi lokufa, ezweni elomileyo nelethunzi lokufa. Lapho kungazange kudlule muntu khona nalapho kungazange kuhlale muntu khona? |
Wasithatha isembatho sika-Eliya, esasiwe kuye, washaya ngaso amanzi, wathi: “Uphi uSimakade, uNkulunkulu ka-Eliya na?” Esewashayile amanzi, ahlukana ngapha nangapha, u-Elisha wawela.
Ubumnyama nethunzi lokufa makunikwe lona, kuhlale ifu phezu kwalo, ubumnyama bosuku bulethuse.
Kepha akekho othi: ‘Uphi uNkulunkulu, uMdali wami ovusa ingoma kwesikabhadakazi.
Ngisho noma ngidabula emfundeni emnyama okwethunzi lokufa, angiyukwesaba ngozi, ngokuba Wena unami, intonga yakho nondondolo lwakho kuyangiduduza.
kuzo zonke izinhlupheko zabo. Ingelosi yobukhona bakhe yabasindisa. Wabahlenga ngenxa yothando lwakhe, nesihawu sakhe; wabetshatha, wabathwala zonke izinsuku zasemandulo.
Akukho namunye obiza iGama lakho, nozama ukubambelela kuwe, ngokuba ubusithibezile ubuso bakho kithi, wasiqeda ngenxa yobubi bethu.
Mnikeni uSimakade uNkulunkulu wenu udumo, engakabulethi ubumnyama, zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwalala, niyokuthi nisabheke ukukhanya akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye sobumnyama.
“ ‘Usho kanje uSimakade, ngiyakukhumbula umusa wobusha bakho, uthando lwakho njengomakoti, nokuthi wangilandela kanjani ehlane, ezweni okungatshalwanga lutho kulo.
Abaphristi abashongo ukuthi: ‘Uphi uSimakade na?’ Abaphethe umthetho babengazi, ababusi baphambuka kimi, abaphrofethi baphrofetha ngoBhali, balandela okungenakusiza.
Ziqambe amanga ngoSimakade, zathi: “Ngeke eze Yena, asehlisele okubi, asiyukubona nkemba nandlala.
Imizi yakhona ibhujisiwe; sekuyizwe elomileyo, nehlane; izwe elingasahlalwa muntu, ngisho nendodana yomuntu ingedlule kulo.
USimakade wakhuphula u-Israyeli eGibhithe ngomphrofethi, wamlondoloza ngomphrofethi.
Kepha Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho selokhu kwaba seGibhithe; awuyukumazi omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami, akekho futhi omunye uMsindisi ngaphandle kwami.
“Mina nganikhipha eGibhithe, nganihola ehlane iminyaka engamashumi amane ukuba nidle izwe lama-Amori.
isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu; nababehlezi ezweni esigayegayeni sethunzi lokufa, ukukhanya kubakhanyisele.”
“Sasuka eHorebhe, sadabula lelo hlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo endleleni ekwelezintaba lakwa-Amori, njengalokho uSimakade uNkulunkulu wethu ayesiyalile, saze safika eKadeshi Bharineya.
“Wamthola ezweni eliyihlane, nasoqwathuleni lomkhulungwane kwahlongasibi, wamzungeza, wamnakekela, wamgcina njengenhlamvu yeso lakhe.
Uyoyikhumbula yonke indlela uSimakade uNkulunkulu wakho akuhola ngayo le minyaka engama-40 ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, ukuze azi okusenhliziyweni yakho, ukuthi uyoyigcina yini imiyalo yakhe noma qha.
UGideyoni wathi kuyo: “Kodwa mnumzane, uma uSimakade enathi, kungani kwenzeke konke lokhu kithi, na? Ziphi zonke izenzo zakhe ezimangalisayo, okhokho bethu abasixoxela ngazo, bethi: ‘Akazange yini uSimakade asikhuphule eGibhithe, na?’ Kepha manje uSimakade usilahlile, wasinikela esandleni sabakwaMidiyani.”