Yizwani mazulu, ubeke indlebe we mhlaba, ngokuba uSimakade ukhuluma, uthi: “Ngikhulisile, ngondla abantwana, kodwa bangihlubukile.
UJeremiya 2:12 - IsiZulu 2020 Mangalani ngalokho, mazulu, nithuthumele, nibe yincithakalo yoqobo,” kusho uSimakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mangalani ngalokho, mazulu, nithuthumele, nichitheke impela,” usho uJehova. Contemporary Zulu Bible 2024 Mangalani, nina mazulu, ngalokho, nesabe kakhulu, nifutheke kakhulu,” usho uJehova. |
Yizwani mazulu, ubeke indlebe we mhlaba, ngokuba uSimakade ukhuluma, uthi: “Ngikhulisile, ngondla abantwana, kodwa bangihlubukile.
Zimangaliseni, nimangale; ziphuphuthekiseni nibe yizimpumputhe; dakwani, kodwa kungengawayini; bhamazelani, kodwa kungengaluphuzo olunamandla!
Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: “Buzani phakathi kwabezizwe ukuthi ngubani owake wazizwa lezi zinto ezinjena na? Intombi yakwa-Israyeli yenze into embi kakhulu.
Yizwa wena mhlaba, bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele phezu kwalaba bantu, isithelo samacebo abo, ngokuba abawalalelanga amazwi ami, nomthetho wami bawulahlile.
Zwanini zintaba udaba lukaSimakade, nazi zisekelo zomhlaba eziqinileyo, ngokuba uSimakade unodaba ngabantu bakhe, uzakuqagulisana no-Israyeli.
Kusukela ngehora lesithupha, kwaba mnyama ezweni lonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.