Yangcolisa iThofethi esigodini sabantwana bakwaHinomu ukuze kungabe kusaba bikho odabulisa indodana noma indodakazi yakhe emlilweni kaMolokhi.
UJeremiya 19:2 - IsiZulu 2020 uphume, uye esigodini sendodana kaHinomu, esingasesikhaleni seSango Lezindengezi, umemezele khona amazwi engiyakuwasho kuwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE uphume, uye esigodini sendodana kaHinomu esingasesikhaleni seSango Lezindengezi, umemezele khona amazwi engiyakuwasho kuwe, Contemporary Zulu Bible 2024 Uphume uye esigodini sendodana kaHinomu esisesikhaleni sesango lasempumalanga, umemezele khona amazwi engizowakhuluma kini: |
Yangcolisa iThofethi esigodini sabantwana bakwaHinomu ukuze kungabe kusaba bikho odabulisa indodana noma indodakazi yakhe emlilweni kaMolokhi.
Washisa impepho esigodini sendodana kaHinomu, washisa amadodana akhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uSimakade abaxosha phambi kwabakwa-Israyeli.
Wawadabulisa amadodana akhe emlilweni esigodini sendodana kaHinomu, wahlola imihlola, wenza imilingo, wenza amalumbo wabuye wavumela abanamadlozi nabathakathi, wenza nokunye okubi okuningi phambi kukaSimakade, waze wachukuluza ulaka lukaSimakade.
Ingxenye elandelayo yakhiwa nguZadoki, indodana ka-Imeri, ngoba yayiphambi komuzi wakhe. Ingxenye elandelayo yakhiwa nguShemaya, indodana kaShekhaniya, umlindi wesango iMpumalanga.
Kepha uSimakade wathi kimi: “Ungathi kimi ungumfanyana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, futhi uyakukhuluma konke engikuyala ngakho.
USimakade wayesethi kimi: “Memezela wonke lawa mazwi emizini kwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema, uthi: ‘Yizwani amazwi alesi sivumelwano, niwenze.
“Usho kanje uSimakade, uthi: yima egcekeni lendlu kaSimakade, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda eza izokhuleka endlini kaSimakade, wonke amazwi engikuyale ukuba uwakhulume kubo, ungagodli nalinye izwi.
Hamba umemezele lawa mazwi enyakatho, uthi: “ ‘Buya wena Israyeli ohlubukayo,’ kusho uSimakade; ‘angizukunibheka nginyukubele, ngokuba nginomusa,’ kusho uSimakade; ‘Angiyukuthukuthela kuze kube phakade.
Bakha izindawo eziphakemeyo zikaBhali esigodini sendodana kaHinomu, ukuba badabulise khona amadodana namadodakazi abo emlilweni kuMoloki, engangingazange ngibayale ngakho, nokungazange kungene emqondweni wami ukuthi bangenza lesi sinengiso ukuze bamonise uJuda.
“Yima esangweni lendlu kaSimakade, umemezele lapho leli lizwi, uthi: “ ‘Yizwani izwi likaSimakade, nina nonke bakwaJuda eningena ngalawa masango nizokhuleka kuSimakade.
“Phuthuma uye eNineve, umuzi omkhulu, ufike umemezele kuwo umyalezo engikutshela wona.”
Lokhu enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni; nalokhu enikuzwayo endlebeni, kumemezeleni phezu kwezindlu.
Ngokuba anginigodlelanga lutho, ukuba nginganitsheli konke okuyintando kaNkulunkulu.
bese ukhuphuka esigodini samadodana kaHinomu ekwehleni okungaseningizimu yamaJebhusi, okuyiJerusalema, nomngcele okhuphukela phezulu entabeni ebhekene nesigodi iHinomu, entshonalanga engasekugcineni, enyakatho yesigodi iRefa,