UJeremiya 13:9 - IsiZulu 2020 “Usho kanje uSimakade: ‘Ngiyakukubhubhisa kanjalo ukuziqhenya kukaJuda, nokuzigqaja kweJerusalema. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Usho kanje uJehova: ‘Ngale ndlela ngiyakukuchitha ukuziqhenya kukaJuda nokuziphakamisa okukhulu kweJerusalema. Contemporary Zulu Bible 2024 Usho kanje uJehova, uthi: “Kanjalo ngiyakuqeda ukuzidla kukaJuda nokuziqhenya okukhulu kweJerusalema. |
Sizwile ngokuziqhayisa kukaMowabi ukuthi uphakeme kakhulu, nangokuzidla kwakhe, nokuqhosha kwakhe, nokuchwensa kwakhe; ukuzikhukhumeza kwakhe kuyize.
NguSimakade Wamabandla ocebe lokho, ukuba konakaliswe ukuziphakamisa kwabo bonke ubukhosi, badeleleke bonke abadumileyo bomhlaba.
iJerusalema, imizi yakwaJuda, namakhosi alo, nezikhulu zalo, ukuba ngikubhubhise kube yincithakalo, into enximfelwayo neqalekisiweyo, njengoba kunjalo namuhla.
Sizwile ngokuzidla okukhulu kakhulu, kukaMowabi; ukuziphakamisa kwakhe, ukuzithwala kwakhe, ukuziqhenya kwakhe, nokuzikhukhumeza kwenhliziyo yakhe.
Babeziphakamisa, benza izinengiso phambi kwami, ngase ngibasusa njengokubona kwami.
Ngiyakuqeda ukuqhosha ngamandla enu, ngenze izulu lenu libe njengensimbi, nomhlabathi wenu ube njengethusi.
Ngokuba uSimakade uyakubuyisa udumo lukaJakobe njengodumo luka-Israyeli, abacekela phansi babaqothulile, bashabalalisa namagatsha abo.
Ngalolo lusuku awuyukuba namahloni ngazo zonke izenzo zakho owahlubuka ngazo kimi, ngokuba ngiyakususa kuwe abajabulela ukuzigqaja kwabo; awusayukuphinde uzikhukhumeze futhi entabeni yami engcwele.
“Ngithi kini: lo wabuyela ekhaya elungisisiwe kunomFarisi. Ngokuba yilowo nalowo oziphakamisayo, uzakuthotshiswa; kodwa ozithobayo, uzakuphakanyiswa.”
Kepha unikeza umusa kakhulu ngakho, uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.”
Kanjalo nani zinsizwa, thobelani amalunga, kodwa nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelene nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.