UJeremiya 13:2 - IsiZulu 2020 Ngayithenga indwangu yasokhalo njengokusho kwezwi likaSimakade, ngayibhinca okhalo lwami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalithenga ibhande njengezwi likaJehova, ngalibeka ezinkalweni zami. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngase ngathola ibhande njengezwi likaJehova ngalifaka okhalweni lwami. |
Ngaleso sikhathi uSimakade wakhuluma ngesandla sika-Izaya, indodana ka-Amozi, wathi: “Hamba ukhumule indwangu eyisaka esokhalo lwakho, nezicathulo ezinyaweni zakho.” Wenza kanjalo, wahamba nqunu, engafake nazicathulo.
Kepha wena ndodana yomuntu, yizwa engikusho kuwe, ungabi ngohlubukayo njengale ndlu ehlubukayo. Vula umlomo wakho, udle engikunika khona.”
UJohane wayenengubo yoboya bekameli noqhotho lwesikhumba okhalo lwakhe. Wayedla izinkumbi noju lwasendle.