UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kukaSimakade nenkosi nabantu, sokuba ngabantu bakaSimakade. Wenza futhi isivumelwano phakathi kwenkosi nabantu.
UJeremiya 11:2 - IsiZulu 2020 “Zwanini amazwi alesi sivumelwano, niwatshele bonke abantu bakwaJuda nezakhamuzi zaseJerusalema, IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Zwanini amazwi alesi sivumelwano, nikhulume kubantu bakwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema, Contemporary Zulu Bible 2024 Zwanini amazwi alesi sivumelwano, nikhulume kubantu bakwaJuda nakubakhileyo eJerusalema; |
UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kukaSimakade nenkosi nabantu, sokuba ngabantu bakaSimakade. Wenza futhi isivumelwano phakathi kwenkosi nabantu.
UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kwakhe nabantu bonke nenkosi ukuba babe ngabantu bakaSimakade.
Manje kusenhliziyweni yami ukuba ngenze isivumelwano noSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ukuze ulaka lwakhe lusuke kithi.
Inkosi yema endaweni yayo, yenza isivumelwano phambi kukaSimakade, sokuthi izomlandela uSimakade, igcine imiyalo yakhe, ubufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhliziyo yayo yonke, nangomphefumulo wayo wonke, futhi iyakuwagcina amazwi esivumelwano ayelotshwe kule ncwadi.
Ngakho-ke uma nililalela ngokucophelela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyokuba yisabelo sami esiligugu phakathi kwazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami.
USimakade wayesethi kimi: “Memezela wonke lawa mazwi emizini kwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema, uthi: ‘Yizwani amazwi alesi sivumelwano, niwenze.