Bayithatha inkunzi abayinikwayo, bayilungisa. Balibiza igama likaBhali kusukela ekuseni kwaze kwaba semini, bethi: “Bhali, siphendule,” kepha akubanga khona zwi, nophendulayo wayengekho. Bagida ngase-althare ayelakhile.
UJeremiya 10:5 - IsiZulu 2020 Njengesichuse ensimini yamakhukhamba, awukhulumi, impela uyathwalwa; ngokuba awuzihambeli. Ungawesabi, ngokuba awukwazi ukukulimaza, futhi awukwazi ukwenza okuhle.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ungumsebenzi okhandiweyo, awukhulumi; uyathwalwa nokuthwalwa, ngokuba awuhambi. Ungawesabi, ngokuba awenzi okubi, nokuhle awunakukwenza.” Contemporary Zulu Bible 2024 Baqotho njengesundu, kodwa abakhulumi; kumele zithwalwe ngoba azikwazi ukuhamba. Ningabesabi; ngokuba abakwazi ukwenza okubi, akukho kubo ukwenza okuhle. |
Bayithatha inkunzi abayinikwayo, bayilungisa. Balibiza igama likaBhali kusukela ekuseni kwaze kwaba semini, bethi: “Bhali, siphendule,” kepha akubanga khona zwi, nophendulayo wayengekho. Bagida ngase-althare ayelakhile.
Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Amaziya, wathumela kuye umphrofethi, wathi kuye: “Ubafuneleni onkulunkulu babantu abangasindisanga abantu babo esandleni sakho na?”
Kuyothi lapho uMowabi ezibonakalisa, ezikhathaza endaweni ephakemeyo, aye ethempelini lakhe ukuyothandaza, angaphumeleli.
“Qoqanani ndawonye nize, sondelani nina abasindileyo bezizwe; abanalwazi abathwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo, bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.
UBheli uyaguqa, uNebho uyakhothama; izithombe zabo ezibaziweyo zingezezilwane nezezinkomo; lezi zinto enizithweleyo zingumthwalo onzima ezilwaneni ezikhatheleyo.
Bamthwala ehlombe, bametshathe, bambeke endaweni yakhe ukuba ame lapho, angabe esasuka endaweni yakhe; kodwa uma umuntu ekhala kuye, akayukumphendula, akanakumsindisa osizini lwakhe.
Bonke abantu bayiziphukuphuku, abanalwazi; bonke ababumbi bathelwe ngehlazo nezithombe zabo ezibunjiweyo ziyinkohliso, azinamphefumulo.
Maye kothi okhunini: ‘Vuka!’ athi kulo itshe elithule: ‘Sukuma!’ Kungafundisa yini lokhu na? Bheka, kunanyekwe ngegolide nangesiliva, akukho kuphefumula kukho.
Niyazi ukuthi ngesikhathi nisengabezizwe naniholwa futhi nihuhwa yizithombe eziyizimungulu.
Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe, siyazi ukuthi isithombe yinto engelutho emhlabeni, nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela.
Lapho niyokhonza onkulunkulu abayimisebenzi yezandla zabantu, onkulunkulu bemithi namatshe, abangaboni, abangezwa, abangadli nabangahogeli.