Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJeremiya 10:5 - IsiZulu 2020

Njengesichuse ensimini yamakhukhamba, awukhulumi, impela uyathwalwa; ngokuba awuzihambeli. Ungawesabi, ngokuba awukwazi ukukulimaza, futhi awukwazi ukwenza okuhle.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ungumsebenzi okhandiweyo, awukhulumi; uyathwalwa nokuthwalwa, ngokuba awuhambi. Ungawesabi, ngokuba awenzi okubi, nokuhle awunakukwenza.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Baqotho njengesundu, kodwa abakhulumi; kumele zithwalwe ngoba azikwazi ukuhamba. Ningabesabi; ngokuba abakwazi ukwenza okubi, akukho kubo ukwenza okuhle.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJeremiya 10:5
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bayithatha inkunzi abayinikwayo, bayilungisa. Balibiza igama likaBhali kusukela ekuseni kwaze kwaba semini, bethi: “Bhali, siphendule,” kepha akubanga khona zwi, nophendulayo wayengekho. Bagida ngase-althare ayelakhile.


Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Amaziya, wathumela kuye umphrofethi, wathi kuye: “Ubafuneleni onkulunkulu babantu abangasindisanga abantu babo esandleni sakho na?”


Kuyothi lapho uMowabi ezibonakalisa, ezikhathaza endaweni ephakemeyo, aye ethempelini lakhe ukuyothandaza, angaphumeleli.


“Qoqanani ndawonye nize, sondelani nina abasindileyo bezizwe; abanalwazi abathwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo, bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.


UBheli uyaguqa, uNebho uyakhothama; izithombe zabo ezibaziweyo zingezezilwane nezezinkomo; lezi zinto enizithweleyo zingumthwalo onzima ezilwaneni ezikhatheleyo.


Bamthwala ehlombe, bametshathe, bambeke endaweni yakhe ukuba ame lapho, angabe esasuka endaweni yakhe; kodwa uma umuntu ekhala kuye, akayukumphendula, akanakumsindisa osizini lwakhe.


Bonke abantu bayiziphukuphuku, abanalwazi; bonke ababumbi bathelwe ngehlazo nezithombe zabo ezibunjiweyo ziyinkohliso, azinamphefumulo.


Maye kothi okhunini: ‘Vuka!’ athi kulo itshe elithule: ‘Sukuma!’ Kungafundisa yini lokhu na? Bheka, kunanyekwe ngegolide nangesiliva, akukho kuphefumula kukho.


Niyazi ukuthi ngesikhathi nisengabezizwe naniholwa futhi nihuhwa yizithombe eziyizimungulu.


Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe, siyazi ukuthi isithombe yinto engelutho emhlabeni, nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela.


Lapho niyokhonza onkulunkulu abayimisebenzi yezandla zabantu, onkulunkulu bemithi namatshe, abangaboni, abangezwa, abangadli nabangahogeli.