UMose waphendula wathi: “Kepha bheka, ngeke bangikholwe noma bangilalele, bayakuthi: ‘USimakade akabonakalanga kuwe.’ ”
UJeremiya 1:6 - IsiZulu 2020 Kepha ngathi: “Awu, Nkosi Simakade! Mina angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngisengumfanyana nje.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha ngathi: “Awu, Nkosi Jehova! Bheka, angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngingumntwana.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngase ngithi: “Awu, Nkosi Jehova! bheka, angikwazi ukukhuluma ngoba ngiyingane. |
UMose waphendula wathi: “Kepha bheka, ngeke bangikholwe noma bangilalele, bayakuthi: ‘USimakade akabonakalanga kuwe.’ ”
Kepha uMose waphendula uSimakade, wathi: “Abantu abazange bangilalele; uzongilalela kanjani uFaro nginezindebe ezingasokwanga kanje na?”
Kepha uMose wathi phambi kukaSimakade: “Njengoba nginezindebe ezingasokwanga nje, uzongizwa kanjani uFaro na?”
Ngase ngithi: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ondebe zakhe zingcolile, futhi ngihleli phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile. Ngokuba amehlo ami ayibonile iNkosi uSimakade Wamabandla.”
Ngase ngithi: “Maye! Nkosi Simakade, abaphrofethi bathi kubo: ‘Aniyukubona nkemba, aniyukwehlelwa yindlala, kodwa ngiyakuninika ukuthula okungenakuphela kule ndawo.’ ”
“Awu, Nkosi Simakade, bheka, nguWena owenza amazulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangezikhwepha zakho, akukho lutho olulukhuni kuwe.
UJeremiya, umphrofethi, wawakhuluma wonke lawa mazwi kuZedekiya, inkosi yakwaJuda, eJerusalema,
Ngase ngithi: “Awu, Nkosi Simakade, impela ubakhohlisile laba bantu neJerusalema, wathi: ‘Niyakuba nokuthula,’ kodwa inkemba isemqaleni.”
Ngase ngithi: “Phinde, Nkosi Simakade; umphefumulo wami awukaze ungcoliswe, ngokuba kwasebusheni bami kuze kube manje angikaze ngiyidle ingcuba, okudweshuliweyo, nenyama engcolileyo ayikaze ingene emlonyeni wami.”
Yathi kuyo: “Gijima utshele leya nsizwa ukuthi iJerusalema alisayukubiyelwa ngogange, ngenxa yobuningi babantu nemfuyo okukulo.