Liyoba njalo izwi lami, eliphuma emlonyeni wami: aliyukubuyela kimi lilambatha, lingakakufezi lokho engikufunayo, liphumelele kulokho engilithumelele khona.
UJeremiya 1:12 - IsiZulu 2020 USimakade wayesethi kimi: “Ubone kahle, ngokuba ngiyakuqikelela ukuba izwi lami ngilifeze.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesethi uJehova kimi: “Ubone kahle, ngokuba ngiyakulilinda izwi lami ukuba ngilenze.” Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wayesethi kimi: “Ubone kahle, ngokuba ngiyakusheshisa izwi lami ukuba ngilenze. |
Liyoba njalo izwi lami, eliphuma emlonyeni wami: aliyukubuyela kimi lilambatha, lingakakufezi lokho engikufunayo, liphumelele kulokho engilithumelele khona.
Izwi likaSimakade labuye lafika kimi ngokwesibili, lathi: “Ubonani na?” Ngathi: “Ngibona ibhodwe elibilayo, lifulathele inyakatho.”
USimakade wayesethi kimi: “Jeremiya, ubonani na?” Ngathi: “Amakhiwane; amakhiwane amahle, mahle kakhulu; namabi, mabi kakhulu, ngeke adliwa ngenxa yobubi bawo.”
“Kuyakuthi njengalokhu ngangibaqaphile ukuze ngibasiphule, ngibadilize, ngibabhidlize, ngibabhubhise, ngibalimaze, kanjalo-ke ngiyakubalinda ukuba ngibakhe, ngibatshale,” kusho uSimakade.
Kepha Mina Simakade ngiyakukhuluma lokho engiyakukukhuluma, izwi liyakufezeka, futhi aliyukubambezeleka, ngokuba ngezinsuku zenu, nina ndlu ehlubukayo, ngiyakukhuluma izwi, ngilenze, kusho iNkosi uSimakade.’ ”
“Ngakho-ke yisho kubo uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Wonke amazwi ami awayukubambezeleka; lokho engiyakukukhuluma kuyakufezeka,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.
Yathi kimi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Iqona elinezithelo zasehlobo.” USimakade wayesethi kimi: “Isikhathi sokuthalalisa kubantu bami u-Israyeli sesiphelile; angisayukubaxolela.
Impindiselo ingeyami, nokunxephezela kungokwami, lapho unyawo lwabo lushelelela okwesikhashana, ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selusondele, izinto abalungiselelwe zona uyozenza zifike ngokushesha kubo.
“USimakade wawezwa amazwi enawakhuluma kimi; uSimakade wayesethi kimi: ‘Ngiwezwile amazwi alaba bantu, abawakhulume kuwe; basho kahle konke abakukhulumile.