USimakade uNkulunkulu wathi enyokeni: “Ngokuba wenze lokhu, usuqalekisiwe kunezilwane zonke ezifuywayo, nezilwane zonke zasendle. Uyohuquzela ngesisu, udle uthuli izinsuku zonke zokuphila kwakho.
UGenesise 9:25 - IsiZulu 2020 wayesethi: “Uqalekisiwe uKhanani! Uyoba yisigqila sezigqila kubafowabo.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wathi: “Makaqalekiswe uKhanani, abe yisigqila sezigqila kubafowabo.” Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi: “Makaqalekiswe uKhanani; kufanele abe yisigqila sezinceku kubafowabo. |
USimakade uNkulunkulu wathi enyokeni: “Ngokuba wenze lokhu, usuqalekisiwe kunezilwane zonke ezifuywayo, nezilwane zonke zasendle. Uyohuquzela ngesisu, udle uthuli izinsuku zonke zokuphila kwakho.
Usuqalekisiwe emhlabathini lona ovule umlomo wawo wemukela igazi lomnawakho olichithele kuwo ngesandla sakho.
Maluqalekiswe ulaka lwabo ngokuba luyavutha, nentukuthelo yabo ngokuba iwunya. Ngizobehlukanisela kwaJakobe, ngibahlakazele kwa-Israyeli.
Amadodana kaNowa, uShemu, uHamu, noJafethi aphuma emkhunjini. UHamu wayenguyise kaKhanani.
UHamu, uyise kaKhanani, wabona ubunqunu bukayise, waxoxela abafowabo ababengaphandle.
Kwathi lapho selidamukile iwayini kuNowa, wezwa ukuthi indodana yakhe encane yenzeni kuye,
“Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.
UJesu wabaphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo owenza isono, uyisigqila sesono.
“Isithelo sesibeletho sakho, isithelo somhlabathi wakho, amankonyane ezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho, kuyakuqalekiswa.
Ngakho-ke niqalekisiwe, abanye benu bayohlala beyizigqila, abathezi bezinkuni nabakhela indlu kaNkulunkulu wami amanzi.”
Kodwa kusukela ngalolo lusuku uJoshuwa wabenza abathezi bezinkuni nabakhela ibandla lonke ne-althare likaSimakade amanzi. Lona ngumsebenzi abasaqhubeka ukuwenza nanamhlanje endaweni aziqokele yona uNkulunkulu.