Nanku umlando kaNowa nezizukulwane zakhe. UNowa wayengumuntu oqotho, engenasici esizukulwaneni sakhe, ehamba noNkulunkulu.
UGenesise 9:21 - IsiZulu 2020 Kuthe esephuze iwayini, lamdaka walala enqunu ethendeni lakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Waphuza iwayini, wadakwa, walala nqunu etendeni lakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Waphuza iwayini, wadakwa; wayenqunu etendeni lakhe. |
Nanku umlando kaNowa nezizukulwane zakhe. UNowa wayengumuntu oqotho, engenasici esizukulwaneni sakhe, ehamba noNkulunkulu.
Iwayini liyisedeleli, uphuzo olunamandla lungumxokozeli; bonke abadiyazeliswa yilo kabahlakaniphile.
Asiziphathe kahle njengasemini, kungabi ngokuminza nokudakwa, kungabi ngobufebe namanyala, kungabi ngokuxabana nomhawu.
umhawu, ukudakwa nokuxokozela, izinto ezifana nalezi engiqeda ukunitshela ngazo, njengokuba ngasho, abenza lezi zinto abanakulidla ifa loMbuso kaNkulunkulu.
ethi: amadoda amadala mawabe ngazithibayo, ahloniphekile, anengqondo, aphilile ekukholweni, othandweni nasekubekezeleni.
Ngiyakweluleka ukuba uthenge igolide elihlanzwe ngomlilo kimi ukuze ucebe, nezingubo ezimhlophe ukuba wembathe, lingabonakali ihlazo lobuze bakho, futhi uthole nomuthi wokugcoba amehlo akho ukuze ubone.