Nanku umlando wamadodana kaNowa: uShemu, uHamu, noJafethi; nawo azala awawo amadodana emva kukazamcolo.
UGenesise 9:18 - IsiZulu 2020 Amadodana kaNowa, uShemu, uHamu, noJafethi aphuma emkhunjini. UHamu wayenguyise kaKhanani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amadodana kaNowa aphuma emkhunjini ayengoShemi, noHamu, noJafete; uHamu wayenguyise kaKhanani. Contemporary Zulu Bible 2024 Amadodana kaNowa aphuma emkhunjini ayengoShemi, noHamu, noJafete; uHamu nguyise kaKhanani. |
Nanku umlando wamadodana kaNowa: uShemu, uHamu, noJafethi; nawo azala awawo amadodana emva kukazamcolo.
UNkulunkulu wayesethi kuNowa: “Lokho kuluphawu lwesivumelwano sami engisenze phakathi kwami nabo bonke abantu emhlabeni.”
UShemu noJafethi bathatha ingubo bayibeka emahlombe abo, bahlehla nyovana, bangena, babufihla ubunqunu bukayise. Babufulathelisa ubuso babo ukuze bangabuboni ubunqunu bukayise.