nakuzo zonke izilwane eziphilayo ezinani: izinyoni zezulu, izilwane ezifuywayo, nazo zonke izilwane eziphilayo emhlabeni enaphuma nazo emkhunjini.
UGenesise 9:11 - IsiZulu 2020 Lesi yisivumelwano sami nani engithi ngaso: angisayukuphinde ngibhubhise yonke into ephilayo ngozamcolo. Akusayukuphinde kube khona uzamcolo ukuba ubhubhise umhlaba.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngizakumisa isivumelwano sami nawe; akusayikubhujiswa nyama ngamanzi kazamcolo; akasayikuza uzamcolo ukuba achithe umhlaba.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyakuqinisa isivumelwano sami nawe; futhi yonke inyama ayisayikunqunywa ngamanzi kazamcolo; futhi ngeke kusaba khona uzamcolo wokubhubhisa umhlaba. |
nakuzo zonke izilwane eziphilayo ezinani: izinyoni zezulu, izilwane ezifuywayo, nazo zonke izilwane eziphilayo emhlabeni enaphuma nazo emkhunjini.
bese ngikhumbula isivumelwano sami phakathi kwami nani nazo zonke izilwane ngezinhlobo zazo. Izikhukhula zingabe zisaphenduka uzamcolo wokucekela phansi konke okuphilayo.
“Lokho kimi kufana namanzi ezinsukwini zikaNowa: njengalokho ngafunga ukuthi amanzi kaNowa awasayukubuye awemboze umhlaba, kanjalo sengifungile ukuthi ngeke ngisakuthukuthelela, futhi ngeke ngikusole.
Njengokuba konke kuyakubhujiswa kanjalo, nifanele nibe ngabantu abanjani ekuziphatheni ngobungcwele, nangokumesaba uNkulunkulu,
Ngalo lelo lizwi, izulu nomhlaba okukhona manje kubekelwe umlilo, kulindele usuku lokwehlulelwa nolokubhujiswa kwabantu abangamesabi uNkulunkulu.