Kuthe lapho uNowa eseneminyaka engama-600, ngosuku lwe-17, ngenyanga yesibili, kwaqhuma zonke iziphethu zamanzi emajukujukwini, kwavuleka namafasitela ezulu.
UGenesise 8:14 - IsiZulu 2020 Kwafika usuku lwama-27 sekome nkwe phansi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngenyanga yesibili ngosuku lwamashumi amabili nesikhombisa lwenyanga umhlaba wawusomile. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngenyanga yesibili ngosuku lwamashumi amabili nesikhombisa lwenyanga umhlaba woma. |
Kuthe lapho uNowa eseneminyaka engama-600, ngosuku lwe-17, ngenyanga yesibili, kwaqhuma zonke iziphethu zamanzi emajukujukwini, kwavuleka namafasitela ezulu.
Ngosuku lokuqala ngenyanga yokuqala uNowa eseqede iminyaka engama-601 ephila, wonke amanzi ayesehwamukile emhlabeni. UNowa waphakamisa uphahla lomkhumbi, wabona ukuthi sekomile phansi.
Kwathi ngonyaka wama-37 athunjwa uJehoyakini, inkosi yakwaJuda, ngenyanga ye-12, ngosuku lwama-27 lwayo, u-Evili Merodaki, inkosi yaseBhabhele, ngonyaka wakhe wokuqala eyinkosi, wamkhulula ejele uJehoyakini, inkosi yakwaJuda.
Kwathi ngonyaka wama-20, ngenyanga yokuqala, ngosuku lokuqala enyangeni, izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: