UGenesise 8:10 - IsiZulu 2020 Walinda izinsuku eziyisikhombisa, wabuye walikhipha ijuba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; waphinda walithuma ujuba emkhunjini. Contemporary Zulu Bible 2024 Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; wabuye walikhipha ijuba emkhunjini; |
Ngokuba emva kwezinsuku eziyisikhombisa ngizodedela imvula, ine emhlabeni izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ngibhubhise konke okuphilayo engikudalileyo emhlabeni.”
Labuyela kuye sekuhlwile liphethe ngomlomo iqabunga lomnqumo eliluhlaza. Kwamcacela uNowa ukuthi amanzi asebohlile emhlabeni.
Walinda izinsuku eziyisikhombisa, wabuye walithumela ijuba, kodwa aliphindanga labuyela kuye.
Kepha ijuba kalitholanga ndawo elalingahlala kuyo. Landiza labuyela emkhunjini, uNowa welula isandla walingenisa ngaphakathi.
Ngamlinda ngesineke uSimakade, wayesephendukela ngakimi, wakuzwa ukunxusa kwami.
Simakade siyakulindela endleleni yezehlulelo zakho. Umphefumulo wami ulangazelela igama lakho, nezikhumbuzo zakho.
Ngiyokumlindela uSimakade ositheze ubuso bakhe kuyo indlu kaJakobe, ngimlindele ngokwethemba.