Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 7:23 - IsiZulu 2020

UNkulunkulu wakushaya wakuqothula konke okuphilayo ezweni: abantu nezilwane, nezilwane ezihuquzelayo nezinyoni zezulu, wakushaya wakuqothula emhlabeni. Kwasala kuphela uNowa nalabo ayenabo emkhunjini.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Wachitha kanjalo konke okuphilayo ebusweni bomhlaba, abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu; wakuchitha emhlabeni; kwasala uNowa yedwa kanye nakho okwakukhona naye emkhunjini.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Zonke izidalwa eziphilayo ezazisemhlabeni zabhujiswa, abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu; futhi zabhujiswa emhlabeni, kwasala uNowa kuphela nalabo ababenaye emkhunjini.

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 7:23
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bheka, Mina ngizokwehlisa uzamcolo emhlabeni, ubhubhise konke okuphilayo phansi komthunzi welanga, kufe konke okuphefumulayo emhlabeni.


Wayesephuma-ke uNowa nomkakhe, namadodana akhe nomkawo.


Uyokuhlenga ezinhluphekweni eziyisithupha, yebo, nakweziyisikhombisa awuyukuthintwa wububi.


Lowo ohlala emphemeni woPhezukonke akhosele emthunzini kaSomandla,


Bayakuwa abayizinkulungwane ngaseceleni kwakho, nabayizinkulungwane ezilishumi ngakwesokunene sakho, kodwa akuyukukuthinta wena.


Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kodwa ukulunga kuyahlenga ekufeni.


“Labo-ke bayakuhamba, baye ekujezisweni okuphakade; kodwa abalungileyo, bayakuya ekuphileni okuphakade.”


Ngokukholwa, uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, ehlonipha uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, ngokwenza kanjalo wawehlulela umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.


kulabo abangalalelanga lapho uNkulunkulu ebalindele ngokubekezela emihleni kaNowa, umkhumbi usakhiwa, okwasindiswa abayingcosana, abayisishiyagalombili ababekuwo, ngawo amanzi.


engawuyekanga nomhlaba wasemandulo, kodwa walondoloza uNowa, ummemezeli wokulunga, owayengowesishiyagalombili emkhunjini, mhla ehlisa uzamcolo emhlabeni walabo ababengamesabi uNkulunkulu.


Ngakho-ke iNkosi iyakwazi ukukhulula ekulingweni labo abamesabayo uNkulunkulu, nokugcina abangalungile ukuze ibajezise ngosuku lokwehlulelwa,


okwathi ngamanzi umhlaba owawukhona phambilini wabhujiswa ngawo.