UGenesise 6:13 - IsiZulu 2020 UNkulunkulu wathi kuNowa: “Senginqume ukubabhubhisa bonke abantu, ngoba umhlaba ugcwele ubudlova ngenxa yabo. Bheka, ngizobabhubhisa nomhlaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu wathi kuNowa: “Ukuphela kwenyama yonke kufikile phambi kwami, ngokuba umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabantu; bheka, ngiyakubachitha kanye nomhlaba. Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu wathi kuNowa: “Ukuphela kwayo yonke inyama kufikile phambi kobuso bami; ngokuba umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabo; futhi bheka, ngizobabhubhisa kanye nomhlaba. |
Wena zakhele umkhumbi ngezingodo zomgoferi, uwakhe ube namakamelo, uwubhixe ngebhithumeni ngaphakathi nangaphandle.
Ngalezo zinsuku nasemveni kwazo, kwaba khona iziqhwaga emhlabeni. Amadodana kaNkulunkulu alala namadodakazi abantu, awazalela abantwana. Baba ngamaqhawe asendulo, adumileyo.
Kwafa konke okuphilayo emhlabeni: wena nyoni, wena nkomo, wena silo, wena silwanyana esinwabuzelayo emhlabeni, nabo bonke abantu.
UNkulunkulu wakushaya wakuqothula konke okuphilayo ezweni: abantu nezilwane, nezilwane ezihuquzelayo nezinyoni zezulu, wakushaya wakuqothula emhlabeni. Kwasala kuphela uNowa nalabo ayenabo emkhunjini.
Ngokuba emva kwezinsuku eziyisikhombisa ngizodedela imvula, ine emhlabeni izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ngibhubhise konke okuphilayo engikudalileyo emhlabeni.”
Iphunga lalowo mnikelo lamthokozisa uSimakade, wayesethi enhliziyweni yakhe: “Umhlaba angisayukuphinde ngiwuqalekise ngenxa yabantu. Umuntu vele unemicabango emibi kusukela ebuncaneni bakhe. Ngeke ngiphinde ngikubhubhise ngozamcolo konke okuphilayo njengalokhu ngenzile.
Sondelani nina zizwe, nizwe, nina bantu, lalelani! Mawuzwe umhlaba nakho konke okuwugcwalisile makuzwe izwe nakho konke okuphuma kulo.
Wena ohlala ngasemanzini amaningi, nonengcebo eningi; isiphetho sakho sesifikile, isikhathi sokunqanyulwa kwempilo yakho njengomucu.
Ngokuba iNkosi uSimakade ayenzi lutho ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaphrofethi.
Yathi kimi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Iqona elinezithelo zasehlobo.” USimakade wayesethi kimi: “Isikhathi sokuthalalisa kubantu bami u-Israyeli sesiphelile; angisayukubaxolela.
Ngokukholwa, uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, ehlonipha uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, ngokwenza kanjalo wawehlulela umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.
Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele, ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke.