Kwathi lapho befika eGoreni Hathadi elingaphesheya komfula iJordani, kwasuka esinamathambo, bakhihla isililo, kwaba muncu. UJosefa wamlilela uyise izinsuku eziyisikhombisa.
UGenesise 50:3 - IsiZulu 2020 Kwaphela izinsuku ezingama-40, okuyizinsuku zokugqumisa. AbaseGibhithe bamlilela izinsuku ezingama-70. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Zaphelela izinsuku zakhe ezingamashumi amane, ngokuba ziphelela kanjalo izinsuku zokugqumisa ngemithi; abaseGibithe bamkhalela izinsuku ezingamashumi ayisikhombisa. Contemporary Zulu Bible 2024 Zaphelela kuye izinsuku ezingamashumi amane; ngokuba zaphelela kanjalo izinsuku zokugqumisa; abaseGibithe bamlilela izinsuku ezingamashumi ayisikhombisa. |
Kwathi lapho befika eGoreni Hathadi elingaphesheya komfula iJordani, kwasuka esinamathambo, bakhihla isililo, kwaba muncu. UJosefa wamlilela uyise izinsuku eziyisikhombisa.
Sezedlule izinsuku zokumlilela uJakobe, uJosefa wakhuluma kwabendlu kaFaro, wathi: “Uma ngifumene umusa emehlweni enu, nginxuseleni kuFaro, nithi:
Inhlangano yonke yabona ukuthi u-Aroni ufile, yamlilela izinsuku ezingama-30, yonke indlu yakwa-Israyeli.
akhumule izingubo zakhe zokuthunjwa; uyohlala endlini yakho, alilele uyise nonina inyanga yonke, andukuba uye kuye ulale naye, ube yindoda yakhe, yena abe ngumkakho.
Abantu bakwa-Israyeli bamlilela uMose besemathafeni kwaMowabi. Bamkhalela izinsuku ezingama-30, sase siphela isikhathi sokulilela uMose.