Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguSethi yaba ngama-912, wayesefa.
Zonke izinsuku zikaSeti zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye neshumi nambili; wayesefa.
Zonke izinsuku zikaSete zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye neshumi nambili, wayesefa.
Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Adamu yaba ngama-930, wayesefa.
Esezelwe u-Enoshe, uSethi waphila iminyaka engama-807 emva kokuzalwa kuka-Enoshe, waphinde wazala amadodana namadodakazi.
Kwathi u-Enoshe eseneminyaka engama-90, wazala uKhenani.