U-Adamu waphinde walala nomkakhe, wayesezala indodana wayiqamba igama wathi nguSethi, ngokuba wathi: “UNkulunkulu uphinde wangipha enye ingane esikhundleni sika-Abela, ngokuba uKhayini wambulala.”
UGenesise 5:6 - IsiZulu 2020 Kwathi uSethi eseneminyaka eyi-105, wazala u-Enoshe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE USeti wahamba iminyaka eyikhulu nanhlanu, wazala u-Enoshe. Contemporary Zulu Bible 2024 USeti wahamba iminyaka eyikhulu nanhlanu, wazala u-Enoshe. |
U-Adamu waphinde walala nomkakhe, wayesezala indodana wayiqamba igama wathi nguSethi, ngokuba wathi: “UNkulunkulu uphinde wangipha enye ingane esikhundleni sika-Abela, ngokuba uKhayini wambulala.”
USethi naye wazibula ngendodana wayiqamba ngokuthi ngu-Enoshe. Baqala lapho-ke abantu ukukhuleka egameni likaSimakade.
Esezelwe u-Enoshe, uSethi waphila iminyaka engama-807 emva kokuzalwa kuka-Enoshe, waphinde wazala amadodana namadodakazi.