UGenesise 5:21 - IsiZulu 2020 Kwathi u-Enokhi eseneminyaka engama-65, wazala uMethusela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Enoke wahamba iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu, wazala uMetushela. Contemporary Zulu Bible 2024 U-Enoke wahamba iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu, wazala uMethusela. |
Esezelwe uMethusela, u-Enokhi waphila iminyaka engama-300 ehamba noNkulunkulu, waphinde wazala amadodana namadodakazi.
Ngokukholwa, u-Enokhi wathathwa ukuze angaboni ukufa, akazange esafunyanwa, ngokuba uNkulunkulu wayemthabathile. Ngokuba engakathathwa wafakazelwa ukuthi wayemthokozisa uNkulunkulu,
U-Enokhi, owayengowesikhombisa kusukela ku-Adamu, waphrofetha ngalaba, wathi: “Uyabona, iNkosi iyeza nezindimbane zabangcwele bayo,