Sengathi abantu bangakukhonza. Izizwe ngezizwe zikukhothamele. Busa phezu kwabafowenu, izizukulwane zikanyoko zikukhothamele. Mabaqalekiswe bonke abakuqalekisayo, babusiswe bonke abakubusisayo.”
UGenesise 49:8 - IsiZulu 2020 “Juda, abafowenu bayokudumisa. Isandla sakho siyohlala entanyeni yezitha zakho, amadodana kayihlo akukhothamele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Juda, abafowenu bazakukudumisa wena; isandla sakho siyakuba sesijingweni sezitha zakho; amadodana kayihlo ayakukukhothamela. Contemporary Zulu Bible 2024 Juda, wena oyakubabonga abafowenu; isandla sakho siyakuba sentanyeni yezitha zakho; abantwana bakayihlo bazakukhothamela. |
Sengathi abantu bangakukhonza. Izizwe ngezizwe zikukhothamele. Busa phezu kwabafowenu, izizukulwane zikanyoko zikukhothamele. Mabaqalekiswe bonke abakuqalekisayo, babusiswe bonke abakubusisayo.”
Wakhulelwa futhi wathola indodana, wathi: “Manje ngizodumisa uSimakade,” wayiqamba igama wathi nguJuda, wayesema ukuthola abantwana.
UJosefa wayengumbusi ezweni, ethengisela bonke abantu bezwe, nabafowabo bafika, bamkhothamela bathi mbo ngobuso emhlabathini.
Amadodana kaJuda kungu-Eri, u-Onani, uShela, uPherezi, noZera. Kuwona u-Eri, no-Onani bafela eKhanani. Amadodana kaPherezi: kwakunguHezironi noHamuli.
UJowabe walethula enkosini inani nomumo wabantu ababebaliwe: kwa-Israyeli kwakunamadoda ayizi-800 000 anamandla ayehlome ngenkemba. KwaJuda kunamadoda ayizi-500 000.
Kwase kufika wonke amalunga akwa-Israyeli enkosini uDavide eHebhroni. Inkosi uDavide yenza nawo isivumelwano eHebhroni phambi kukaSimakade, ayesemgcoba ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli.
“Nakuba kunjalo, uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wangiqoka endlini yonke kababa ukuba ngibe yinkosi kwa-Israyeli kuze kube phakade. Ngokuba ukhethe uJuda ukuba abe ngumbusi, endlini kaJuda, indlu kababa, emadodaneni kababa, wangithanda mina ukuba angibeke ngibe yinkosi yawo wonke u-Israyeli.
Noma uJuda wayenamandla kunabafowabo, kwavela kuye umbusi, ubuzibulo nokho babungobukaJosefa.
U-Asa wayenamabutho ayizi-300 000, aphatha izihlangu nemikhonto, ayevela kwaJuda, nalawo ayevela kwaBhenjamini eyizi-280 000, ayephatha amahawu, nansala ngeminsalo. Wonke lawo mabutho ayengamaqhawe anamandla.
Waqoqa wonke uJuda noBhenjamini, nababegogobele nabo bevela kwa-Efrayimi, kwaManase, kwaSimeyoni, ngokuba uquqaba oluningi lwaluhlubukele kuye, luvela kwa-Israyeli, ngesikhathi selubona ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakhe unaye.
Wakanisa impi kuyo yonke imizi yakwaJuda ebiyelweyo, wabeka amabutho kwaJuda nasemizini yakwa-Efrayimi eyayinqotshwe nguyise u-Asa.
Kepha abantu bakwa-Asheri, abakwaManase, nabakwaZebuloni bazithoba, beza eJerusalema.
Umbuso wakhe uyokwanda njalo, ukuthula kungaze kwaphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze usekelwe, umiswe ngobulungiswa nangobuqotho, kusukela manje kuze kube phakade. Intshisekelo kaSimakade Wamabandla iyokwenza lokho.
besalibele ukubona amanga ngawe, bebhula inkohliso ngawe, bethi uyakubekwa ezintanyeni zezikhohlakali ezabulawayo, abalusuku lwabo luyofika ngesikhathi okuyoqedwa ngalo okubi.
Kwasuka kuqala ibhanela lenkambu yabozalo lukaJuda ngamaqembu abo, beholwa nguNaheshoni, indodana ka-Aminadaba.
Abozalo lukaJuda ngemindeni yabo yilaba: kuShela: ngumndeni wabakwaShela; kuPherezi: ngumndeni wabakwaPherezi; kuZera: ngumndeni wabakwaZera.
“Washo lokhu ngoJuda: ‘Yizwa, Simakade, yizwa izwi likaJuda, umlethe kwabakubo; izandla zakho zimlwele, umsize kwabamelene naye.’
Kusobala ukuthi iNkosi yethu ivele kuJuda, isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso mayelana nobuphristi.
Lapho bewaletha lawo makhosi kuJoshuwa, uJoshuwa wabiza wonke amadoda akwa-Israyeli wathi ezinduneni zamabutho ezazihambe naye: “Sondelani, nibeke izinyawo zenu ezintanyeni zalawa makhosi.” Zasondela-ke, zabeka izinyawo zazo ezintanyeni zawo.
Ingelosi yesikhombisa yabetha icilongo; kwase kuzwakala amazwi ahlokomayo ezulwini ethi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKhristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”
Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali. INgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, inqobile, ukuze ivule incwadi nezisicilelo zayo eziyisikhombisa.”
Abakwa-Israyeli baqhubeka, benyukela eBhethele, lapho babuza khona kuNkulunkulu, bathi: “Ngubani phakathi kwethu ozokhuphuka kuqala ukuba alwe nabakwaBhenjamini na?” USimakade wathi: “NguJuda ozokhuphuka kuqala.”