“Ngakho-ke lawa madodana akho amabili azalelwe lapha eGibhithe ngingakafiki, asengawami manje. U-Efrayimi noManase bangabami, njengoba kunjalo kuRubeni noSimeyoni.
UGenesise 48:6 - IsiZulu 2020 Uma uthola amanye amadodana emva kwalawa, ayakuba ngawakho, kodwa ayakulotshwa phansi kohla lwabafowabo, ngokuba ifa lawo ayolithola kubo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha inzalo yakho oyizala emva kwabo izakuba ngeyakho; iyakubizwa ngegama labafowabo efeni lalabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi inzalo yakho oyoyizala ngemva kwabo iyoba ngeyakho futhi ibizwe ngegama labafowabo efeni layo. |
“Ngakho-ke lawa madodana akho amabili azalelwe lapha eGibhithe ngingakafiki, asengawami manje. U-Efrayimi noManase bangabami, njengoba kunjalo kuRubeni noSimeyoni.
Lapho ngisesendleleni ngivela ePhadani Aramu, uRaheli wafela eKhanani kuselibangana ukufinyelela e-Efratha, ngase ngimngcwaba khona lapho eceleni kwendlela eya e-Efratha,” (eliyiBhethlehema).
Ngokuba abozalo lukaJosefa babeyizizwana ezimbili, esakwaManase nesakwa-Efrayimi, akukho sabelo sezwe esasinikwe abaLevi, ngaphandle kwemizi ababehlala kuyo, namadlelo emfuyo nemihlambi yabo.