Emveni kwalezo zinto uJosefa wathola umbiko othi: “Uyihlo uphathekile.” Wayesethatha amadodana akhe omabili uManase no-Efrayimi ukuyombona.
UGenesise 48:2 - IsiZulu 2020 Kwabikwa kuJakobe kwathiwa: “Bheka, indodana yakho uJosefa iyeza izokubona.” U-Israyeli waziqinisa, wavuka, wahlala embhedeni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwase kushiwo kuJakobe ukuthi: “Bheka, indodana yakho uJosefa iyeza kuwe.” Wayeseziqinisa u-Israyeli, wahlala embhedeni. Contemporary Zulu Bible 2024 UJakobe watshelwa, kwathiwa: “Bheka, indodana yakho uJosefa iyeza kuwe; u-Israyeli wamqinisa, wahlala embhedeni.” |
Emveni kwalezo zinto uJosefa wathola umbiko othi: “Uyihlo uphathekile.” Wayesethatha amadodana akhe omabili uManase no-Efrayimi ukuyombona.
UJakobe wathi kuJosefa: “UNkulunkulu uSomandla wabonakala kimi ngiseLuzi eKhanani, wangibusisa,
Ngabatshela ukuthi isandla esihle sikaNkulunkulu wami sibe nami kanjani, nangamazwi inkosi eyayiwakhulume kimi. Bathi: “Masisukume sakhe.” Base bewuqala ngentshisekelo umsebenzi.
USimakade uyakumsimamisa okhukhweni lokufa, amphilise kuzona zonke izifo zakhe.
Ndodana yami, uma inhliziyo yakho ihlakanipha, inhliziyo yami iyakuthokoza, yebo, eyami.
Kodwa yala uJoshuwa, umqunge isibindi, umqinise, ngokuba uyakuwela ehola laba bantu, abenze ukuba balidle izwe oyakulibona.’
Kwasuka uJonathani, indodana kaSawule, waya kuDavide eHoreshi, wamqunga isibindi ngenxa kaNkulunkulu.