Kwathi lapho u-Abhrahama ephakamisa amehlo, wabona amadoda amathathu emi buqamama naye. Uthe angawabona, wasuka emnyango wethende lakhe, wathathela ngejubane ewahlangabeza, wafike wakhothama wathi mbo ngobuso.
UGenesise 48:12 - IsiZulu 2020 UJosefa wawasusa ethangeni likayise, wakhothamela emhlabathini wathi mbo ngobuso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJosefa wawakhipha emathangeni akhe; wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi. Contemporary Zulu Bible 2024 UJosefa wayesebakhiphela phakathi kwamadolo akhe, wakhothamela ubuso bakhe emhlabathini. |
Kwathi lapho u-Abhrahama ephakamisa amehlo, wabona amadoda amathathu emi buqamama naye. Uthe angawabona, wasuka emnyango wethende lakhe, wathathela ngejubane ewahlangabeza, wafike wakhothama wathi mbo ngobuso.
Izingelosi ezimbili zafinyelela eSodoma kusihlwa; uLothi wayehlezi esangweni eSodoma. Uthe angazibona, wasukuma, wazihlangabeza, wathi mbo ngobuso emhlabathini.
Yena siqu wahamba phambili, ehamba ekhothama ngobuso emhlabathini kwaze kwaba kasikhombisa, waze wafika kumnewabo.
UJosefa wayengumbusi ezweni, ethengisela bonke abantu bezwe, nabafowabo bafika, bamkhothamela bathi mbo ngobuso emhlabathini.
U-Israyeli wathi kuJosefa: “Ngangingasalindele ukuthi ngiyophinde ngibubone ubuso bakho. Manje bheka, uNkulunkulu ungivumele ukuba ngibone ngisho nabantwana bakho imbala.”
UJosefa wawathatha womabili, u-Efrayimi engakwesokunene eqondene nesokhohlo sika-Israyeli, uManase engakwesokhohlo eqondene nesokunene sika-Israyeli, wawasondeza kuye.
UBhathi Sheba waya enkosini uSolomoni ukuze akhulumele u-Adoniya. Inkosi yasukuma yamhlangabeza, yamkhothamela, yase ihlala esihlalweni sayo, yase ibekela unina wenkosi isihlalo, wahlala ngakwesokunene sayo.
Weza kuye, wawa ngasezinyaweni zakhe, wakhothama phansi; wayithatha indodana yakhe, waphuma.
Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.
“ ‘Yilowo nalowo uyohlonipha uyise nonina, agcine amasabatha ami; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.
“ ‘Uyosukuma nxa kumi impunga phambi kwakho, uyomhlonipha umuntu omdala, umesabe uNkulunkulu wakho; nginguSimakade.