Kwathi lapho u-Isaka esegugile, namehlo akhe esefiphele, engasaboni kahle, wabiza indodana yakhe endala, wathi: “Ndodana yami!” Yathi kuye: “Ngilapha.”
UGenesise 48:10 - IsiZulu 2020 Amehlo ka-Israyeli ayesenqundekile ngenxa yobudala, engasaboni kahle. Ngakho-ke uJosefa wawasondeza, wayeseyawanga, wawagona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha amehlo ka-Israyeli ayefiphele ngobudala, engasenakubona; wawasondeza kuye; wawanga, wawagona. Contemporary Zulu Bible 2024 Amehlo ka-Israyeli ayefiphele ngenxa yokuguga, engasaboni. Waziletha kuye; wasebanga, wawagona. |
Kwathi lapho u-Isaka esegugile, namehlo akhe esefiphele, engasaboni kahle, wabiza indodana yakhe endala, wathi: “Ndodana yami!” Yathi kuye: “Ngilapha.”
Kuthe lapho esondela kuye emanga, u-Isaka wahogela iphunga ezingutsheni zakhe, wayesembusisa. Wathi: “Iphunga lendodana yami lifana nephunga lensimu ebusiswe nguSimakade.
ULabani wavuka ekuseni, wanga abazukulu bakhe namadodakazi akhe, wababusisa, wayesehamba ebuyela emzini wakhe.
Wabanga bonke abafowabo ngamunye, ekhala. Emveni kwalokho abafowabo baxoxa naye.
U-Israyeli wathi kuJosefa: “Ngangingasalindele ukuthi ngiyophinde ngibubone ubuso bakho. Manje bheka, uNkulunkulu ungivumele ukuba ngibone ngisho nabantwana bakho imbala.”
U-Elisha wazishiya izinkabi, wagijima elandela u-Eliya, wathi: “Ake ngange ubaba nomame, bese ngikulandela.” Wathi kuye: “Hamba, ubuyele emuva, ngokuba ngenzeni kuwe na?”
Ngosuku lapho abalindi bendlu beyothuthumela, namadoda anamandla athothobale, nabasilayo beyoyeka ukugaya, ngoba sebeyingcosana, nabalunguza ngamafasitela bangabe besalunguza,
Isandla sikaSimakade asifinyeziwe ukuba sisindise, nendlebe yakhe ayibuthuntu ukuba izwe.
Yenza inhliziyo yalaba bantu ibe lukhuni, izindlebe zabo zibe buthuntu; ufiphaze amehlo abo, funa babone ngamehlo abo, bezwe ngezindlebe zabo, baqonde ngenhliziyo yabo, babuye, baphiliswe.”
UMose wafa eseneminyaka eyi-120, kodwa iso lakhe lalingakafiphali namandla akhe engakanciphi.
Kwathi ngolunye usuku u-Eli elele endaweni yakhe namehlo akhe eseqala ukufiphala engasaboni kahle,