Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 48:1 - IsiZulu 2020

Emveni kwalezo zinto uJosefa wathola umbiko othi: “Uyihlo uphathekile.” Wayesethatha amadodana akhe omabili uManase no-Efrayimi ukuyombona.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kwathi emva kwalezo zinto kwathiwa kuJosefa: “Bheka, uyihlo uyagula.” Wayesethatha amadodana akhe omabili, oManase no-Efrayimi.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kwathi emva kwalezi zinto omunye wathi kuJosefa: Bheka, uyihlo uyagula; wathatha amadodana akhe amabili, oManase no-Efrayimi, kanye naye.

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 48:1
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kuthe uJosefa eseGibhithe wazala uManase no-Efrayimi ku-Asenathi, indodakazi kaPotifera, umphristi wase-Oni.


Kwabikwa kuJakobe kwathiwa: “Bheka, indodana yakho uJosefa iyeza izokubona.” U-Israyeli waziqinisa, wavuka, wahlala embhedeni.


“Ngakho-ke lawa madodana akho amabili azalelwe lapha eGibhithe ngingakafiki, asengawami manje. U-Efrayimi noManase bangabami, njengoba kunjalo kuRubeni noSimeyoni.


waze wabona ngisho isizukulwane sesithathu sabantwana baka-Efrayimi; nabantwana bakaMakhiri indodana kaManase, wabagona ethangeni lakhe besanda kuzalwa.


U-Elisha wagula ngesifo esagcina simthathile. UJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wehla waya kuye, wakhala kakhulu, wathi: “Baba, Baba, inqola ka-Israyeli nabamahhashi bakhe!”


U-Elisha wafa, bammbela. Kwakuthi ngokwethwasa konyaka, izwe lihlaselwe ngamaviyo akwaMowabi.


Emveni kwalokho uJobe waphila iminyaka eyi-140, wabona amadodana akhe namadodana amadodana akhe, kwaze kwaba yizizukulwane ezine.


ubone abantwana babantwana bakho. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Ngakho-ke odadewabo bathumela kuJesu, bathi: “Nkosi, bheka, umngani wakho omkhonzile uyagula.”


Ngokukholwa, uJakobe esezokufa wabusisa yileyo naleyo yamadodana kaJosefa, wakhuleka eyeme esihlokweni sodondolo lwakhe.


Ngokuba abozalo lukaJosefa babeyizizwana ezimbili, esakwaManase nesakwa-Efrayimi, akukho sabelo sezwe esasinikwe abaLevi, ngaphandle kwemizi ababehlala kuyo, namadlelo emfuyo nemihlambi yabo.