U-Abhrahama wafa esemdala kakhulu, egculisekile yiminyaka ayiphilile, wangcwatshwa koyisemkhulu.
UGenesise 47:8 - IsiZulu 2020 UFaro wathi kuJakobe: “Mingaki iminyaka yakho na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wathi uFaro kuJakobe: “Zingaki izinsuku zeminyaka yokuhamba kwakho na?” Contemporary Zulu Bible 2024 UFaro wasesithi kuJakobe: Mingaphi iminyaka yakho? |
U-Abhrahama wafa esemdala kakhulu, egculisekile yiminyaka ayiphilile, wangcwatshwa koyisemkhulu.
UJakobe wahlala eGibhithe iminyaka eyi-17. Izinsuku zikaJakobe neminyaka yokuphila kwakhe emhlabeni kwaba yi-147.
UJosefa wayesemngenisa uyise, uJakobe, wamethula kuFaro. UJakobe wambusisa uFaro.
UJakobe waphendula wathi: “Izinsuku zokugogobala kwami emhlabeni seziyiminyaka eyi-130, zimfishane, kanti bezigcwele ubunzima. Kaziqhathaniseki nokho neminyaka eyaphilwa ngokhokho bami ngesikhathi eside sokugogobala kwabo.”
Wayesethi uBharizilayi enkosini: “Zingaki izinsuku zeminyaka yokuphila kwami ukuba ngingenyukela eJerusalema nenkosi na?