UJosefa wakuqoqa konke ukudla okwatholakala ngaleyo minyaka eyisikhombisa yenala, wakulondoloza emizini: kwakungukudla okwakuvunwe emasimini azungeze yilowo nalowo muzi.
UGenesise 47:21 - IsiZulu 2020 UJosefa wabasusa abantu kulo lonke iGibhithe, wabayisa emizini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantu wabayisa emizini, ebasusa komunye umncele wezwe laseGibithe kwaze kwaba komunye umncele walo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha abantu, wabayisa emizini kusukela kolunye uhlangothi lomkhawulo waseGibithe kuze kube kolunye uhlangothi lwalo. |
UJosefa wakuqoqa konke ukudla okwatholakala ngaleyo minyaka eyisikhombisa yenala, wakulondoloza emizini: kwakungukudla okwakuvunwe emasimini azungeze yilowo nalowo muzi.
UJosefa wamthengela uFaro lonke iGibhithe, ngokuba bonke abaseGibhithe base bethengise ngamasimu abo ngenxa yokuba nzima kwendlala phezu kwabo; izwe lonke kwaba ngelikaFaro.
Umhlaba wabaphristi yiwo kuphela angawuthenganga, ngokuba kwakunesabelo sabaphristi esivela kuFaro. Babedla leso sabelo ababesinikwe nguFaro, yingakho bengawuthengisanga umhlaba wabo.