Sengathi uNkulunkulu uSomandla anganenzela umusa phambi kwalowo muntu, akhulule umfowenu noBhenjamini; uma ngingafelwa ngabantwana bami, ngobe ngifile kwamina.”
UGenesise 44:12 - IsiZulu 2020 Induna yaqala ukucinga ezibulweni, yagcina ngothunjana. Indebe yatholakala esakeni likaBhenjamini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yanyalula, yaqala ngenkulu yagcina ngencane; indebe yatholwa esakeni likaBenjamini. Contemporary Zulu Bible 2024 Wafunisisa, waqala komkhulu, washiya komncane; indebe yafunyanwa ekhukhwini likaBhenjamini. |
Sengathi uNkulunkulu uSomandla anganenzela umusa phambi kwalowo muntu, akhulule umfowenu noBhenjamini; uma ngingafelwa ngabantwana bami, ngobe ngifile kwamina.”
Bahlaliswa phambi kwakhe ngokwelamana kwabo, izibulo ngobuzibulo balo, nomncane ngobuncane bakhe; abafowabo babhekana ngokumangala.
Bawethula ngokushesha amasaka abo, bawabeka emhlabathini, bawavula, yilowo wavula isaka lakhe.
Faka indebe yami yesiliva, nemali yokuthenga okusanhlamvu emlonyeni wesaka lomncane.” Yenza njengoba uJosefa eshilo.