Omunye kuthe evula isaka lakhe esikhungweni sokulala ukuba anike imbongolo yakhe ukudla, wafica imali yakhe emlonyeni wesaka.
UGenesise 44:11 - IsiZulu 2020 Bawethula ngokushesha amasaka abo, bawabeka emhlabathini, bawavula, yilowo wavula isaka lakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ayeseshesha ukwehlisela phansi, kwaba yileyo naleyo isaka layo, yileyo naleyo yavula isaka layo. Contemporary Zulu Bible 2024 Base beshesha, kwaba yilowo nalowo wakhumula isikhwama sakhe phansi, kwaba yilowo nalowo wavula isikhwama sakhe. |
Omunye kuthe evula isaka lakhe esikhungweni sokulala ukuba anike imbongolo yakhe ukudla, wafica imali yakhe emlonyeni wesaka.
Yathi: “Kulungile, akuye njengamazwi enu. Lowo eyotholakala kuye uzokuba yisigqila sami, nina nonke aniyukuba nacala.”
Induna yaqala ukucinga ezibulweni, yagcina ngothunjana. Indebe yatholakala esakeni likaBhenjamini.