UGenesise 42:16 - IsiZulu 2020 Thumelani omunye wenu ukuba amlande umfowenu. Nina nonke nizoboshwa ukuze kubonakale ukuthi enikushilo kuyiqiniso yini; uma kungenjalo, ngimfunge uFaro, niyizinhloli.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Thumani omunye wenu, amlande umfowenu; nizakuboshwa, ukuze kuvivinywe amazwi enu ukuba iqiniso likini yini; uma kungenjalo, kuphila kukaFaro, niyizinhloli.” Contemporary Zulu Bible 2024 Thumani omunye wenu ukuba amlande umfowenu, wena uyakuba etilongweni, ukuze kuvivinywe amazwi akho ukuthi kukhona yini iqiniso kuwe; |
“Leya ndoda engumbusi wezwe ikhulume nathi ngesihluku, yasibiza ngezinhloli ezizohlola izwe.
Kepha abaholi babantu bakwa-Amoni bathi kuHanuni, inkosi yabo: “Uma ubheka, ucabanga ukuthi uDavide uthumele abazokududuza ngoba ehlonipha uyihlo na? Akungakho yini ukuba izinceku zakhe zizohlola umuzi, bese ziwubhubhisa na?”
UJoshuwa, indodana kaNuni, wayesethumela izinhloli ezimbili isinyenyela, zisuka eShithimu, wathi kuzo: “Hambani nisihlolele izwe, ikakhulu iJerikho.” Zahamba, zafike zangenisa endlini yesifebe esibizo laso nguRahabi, zalala khona.