AbakwaMidiyani bamthengisa uJosefa eGibhithe kuPotifari, inceku kaFaro, induna yabalindi.
UGenesise 40:4 - IsiZulu 2020 Induna yabalindi benkosi yamqoka uJosefa ukuba azibheke, nokuba abhekane nezidingo zazo, kwaba yisikhashana zivalelwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Induna yemilindankosi yamyala ngazo uJosefa ukuba azibheke; wazikhonza; zazisekulindweni izinsukwana. Contemporary Zulu Bible 2024 Induna yemilindankosi yamyala uJosefa, wabasebenzela; bahlala esitokisini isikhathi. |
AbakwaMidiyani bamthengisa uJosefa eGibhithe kuPotifari, inceku kaFaro, induna yabalindi.
UJosefa bamthatha baya naye eGibhithe, uPotifari, esinye sezikhulu zikaFaro, umphathi wabaqaphi, wamthenga kwabakwa-Ishmayeli ababefike naye.
Wazivalela endlini yenduna yabalindi benkosi, zafakwa ejele, lapho kwakuvalelwe khona uJosefa.
Ngobunye ubusuku bobabili, umphathindebe nombhakizinkwa benkosi yaseGibhithe, ababevalelwe ejele, yilowo nalowo waphupha; yilelo nalelo phupho lalichaza okuthile.