Wasuka lapho waya kwelezintaba empumalanga yeBhethele, wagxumeka ithende lakhe lapho. IBhethele yayingasentshonalanga, i-Ayi ingasempumalanga. Kulapho-ke akhela khona uSimakade i-althare, wakhuleka egameni likaSimakade.
UGenesise 4:26 - IsiZulu 2020 USethi naye wazibula ngendodana wayiqamba ngokuthi ngu-Enoshe. Baqala lapho-ke abantu ukukhuleka egameni likaSimakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Naye uSeti wazala indodana, wayiqamba igama layo ngokuthi u-Enoshe. Ngaleso sikhathi abantu baqala ukukhuleka egameni likaJehova. Contemporary Zulu Bible 2024 Naye uSeti wazalelwa indodana; waqamba igama layo ngokuthi u-Enoshe; abantu base beqala ukubiza iGama leNkosi. |
Wasuka lapho waya kwelezintaba empumalanga yeBhethele, wagxumeka ithende lakhe lapho. IBhethele yayingasentshonalanga, i-Ayi ingasempumalanga. Kulapho-ke akhela khona uSimakade i-althare, wakhuleka egameni likaSimakade.
U-Isaka wayesakha i-althare lapho, wakhuleka egameni leNkosi, wagxumeka ithende lakhe, izinceku zakhe zamba umthombo lapho.
Bizani igama likankulunkulu wenu, nami ngizobiza igama likaSimakade; kuyothi uNkulunkulu ophendula ngomlilo kube nguye onguNkulunkulu.” Bonke abantu bathi: “Lihle leli lizwi.”
Omunye uyakuthi: ‘NgingokaSimakade;’ omunye uyakuzibiza ngegama likaJakobe, omunye alobe esandleni sakhe, ngingokaSimakade, azibize ngegama lika-Israyeli.”
“Yizwa lokhu wena ndlu kaJakobe, obizwa ngegama lika-Israyeli, ovela okhalo lukaJuda, ofunga igama likaSimakade, nobiza uNkulunkulu ka-Israyeli kungengaqiniso nakulunga.
Ngalezo zinsuku uJuda uyakusindiswa, neJerusalema liyakuhlala livikelekile. Yileli igama eliyakubizwa ngalo, elithi: USIMAKADE UNGUKULUNGA KWETHU.’
Kepha kuyakuthi bonke ababiza igama likaSimakade baphunyuke, ngokuba entabeni iZiyoni naseJerusalema kuyakuba khona abasindileyo njengoba eshilo uSimakade, labo abayakubizwa nguSimakade.”
“ ‘Ngokuba ngaleso sikhathi ngiyakunika abantu izindebe zomlomo ezihlanzekileyo, ukuze bonke babize igama likaSimakade, bamkhonze bemunye.
Kwathi ukuba amfumane, wamyisa e-Antiyokhiya. Kwenzeka ukuba bahlanganyele ebandleni isikhathi esiwunyaka, befundisa abantu abaningi. Kwaqala-ke e-Antiyokhiya ukuba abafundi kuthiwe ngamaKhristu.
ngibhalela ibandla likaNkulunkulu eliseKhorinte, kwabangcwelisiwe kuKhristu uJesu, ababiziweyo ukuba babe ngcwele. Ngibhalela nabo bonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Khristu ezindaweni zonke abakuzo: