Ubalekeleni isinyelela wangangitshela, ngoba ngabe ngikuhambise kahle ngomgidi kuhutshwa, kushaywa ukhehlegume nezigubhu?
UGenesise 4:21 - IsiZulu 2020 Igama lomnawakhe nguJubhali. Yena wayengukhokho walabo ababengababethi bogubhu nomtshingo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Igama lomfowabo lalinguJubale; yena waba nguyise wabo bonke ababetha ihabhu* nomtshingo. Contemporary Zulu Bible 2024 Igama lomfowabo lalinguJubali; waba nguyise wabo bonke abaphatha izintambo nezitho. |
Ubalekeleni isinyelela wangangitshela, ngoba ngabe ngikuhambise kahle ngomgidi kuhutshwa, kushaywa ukhehlegume nezigubhu?
U-Ada wazala uJabhali, ukhokho walabo abahlala emathendeni abangabafuyi bemihlambi.
UZila wazala uThubhali Khayini, owayengumkhandi wazo zonke izinhlobo zezinto ezenziwe ngethusi nangensimbi. Udadewabo kaThubhali Khayini kwakunguNahama.
Mdumiseni ngesigubhu nokusina, nimdumise ngezigubhu ezinezintambo ezilishumi, nemitshingo.
Emadilini abo kukhona ihabhu, ugubhu, isigubhu, igekle newayini, kodwa abayinaki imisebenzi kaSimakade; kabaziboni nezenzo zezandla zakhe.